Kubeyingqophamlando kuvulwa isitolo sefenisha sowesifazane
YINTATHELI YOMBELE
ITHELA izithelo ezinhle imisebenzi yeNational Empowerment Fund (iNEF) emva kokuthi omunye wosomabhizinisi ebaxhasayo evule isitolo eParkview Shopping Centre ePitoli, eGauteng.
I-Denic Cabinets yasungulwa wuNkk uDipuo Phakathi wasePitoli ngo-2019 emva kokushiya umsebenzi wakhe ebhange.
Le nkampani ikhiqiza amakhabethe kaNokusho kanti ithole usizo lwezimali oluwuR2.7 billion kwiNEF, uhlaka lomNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana oluxhasa amabhizinisi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/04/i-nef-igubha-iminyaka-ewu-11-yesikhwama-esixhasa-abesifazane/
Umsebenzi weDenic Cabinets usukhule kangangokuthi uNkk uPhakathi ubone kunesidingo sokuthi avule isitolo lapho abantu bezofika bathenge khona amakhabethe akhe, bayeke ukuya lapho bewakhiqizela khona.
“Ukuvula lesi sitolo kungaphezu kwengqophamlando yebhizinisi. Kukhombisa ukuthi izinto ziyenzeka. Ngesikhathi ngiqala iDenic Cabinets ngo-2019 nethimba elincane nezinhlelo ezinkulu, ngangazi ukuthi abantu besifazane abamnyama bangahola ekukhiqizeni nokwenza amakhabethe asezingeni eliphezulu. Namuhla ngimi lapha ngibona ubufakazi bokuthi ubuhle abunabulili namkhawulo.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/14/owazifundisa-wenza-ifenisha-yekhethelo-engambi-eqolo/
Uthe usizo abaluthole kwiNEF aluwona umnikelo kodwa luyisivumelwano sokusebenzisana.
“Imali esinike yona (iNEF) isisize ukuthi sithenge imishini yokukhiqiza, sasithuthukisa amakhono esinawo futhi sakwazi ukuncintisana nokuza nezinto ezihlukile. Sikwazile ukukhombisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi uma osomabhizinisi abamnyama bethola abatshalimali bangempela bayakwazi ukwenza izinto zenzeke,” kusho yena.

Umlayezo wakhe kwabanye osomabhizinisi wukuthi baqale ngaabanako futhi bakholelwe kubona ngoba izimboni zangomuso zilinde bona.
Isikhulu esiphezulu seNEF uMnu uMziwabantu Dayimani sithe lesi sitolo siyingqophamlando embonini yokukhiqiza ifenisha eNingizimu Afrika. Uthi sikhombisa okuhle okungenzeka uma osozimboni bexhaswa kahle futhi besebenza.
“I-Denic Cabinets yinkampani yomuntu wesifazane omnyama eyenza amakhabethe nefenisha esezingeni futhi eloku idala imisebenzi kusukela ngo-2019. Kuhle ukuthi sibone osozimboni esibaxhasayo beletha ushintsho lwangempela ngoba ifemu kaNkk uPhakathi iyakhiqiza kanti manje isinesitolo abantu abazoya kuso uma bedinga ifenisha,” kusho yena.
Uthe izinhlelo zokusiza osomabhizinisi abamnyama zibalulekile ngoba zenza umehluko obonakalayo.

