Ukhomishana weSouth Africa Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter kuleli sonto uthe kuyicala ungakhokhi intela noma ukuyikhokha sekudlule isikhathi. Isithombe: Sithunyelwe

Ususondele umnqamulajuqu wokukhokha intela 

 YINTATHELI YOMBELE 

ABAKHOKHINTELA ababanjelwa intela emiholweni bayakhunjuzwa ukuthi umnqamulajuqu wokubika kumqoqiwentela eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service (iSars) imininingwane yemali abayiholile ngonyaka wezimali u-2024/25 wuMsombuluko ozayo. 

I-Sars ithe yenze konke okusemandleni ukwenza kubelula ukuletha le mininingwane ngezindlela ezihlukene okukhona kuzona ukusebenzisa amaziko obuchwepheshe, imininingwane osuke usubalelwe yona noma ngokushayela ucingo abantu abadinga usizo. 

Ukhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter ukukhumbuza abantu bonke ukuthi yicala elibomvu ukungayilethi imininingwane ngentela futhi noma ukuyikhokha sekudlule isikhathi esinqunyiwe.  

U-Kieswetter ubonge u-80% WabakhokhIntela abalethe imininingwane yabo ngaphambi komhlaka-20 wango-Okthoba, okukhona kubona abantu abawu-6 million abakhethe ukubalelwa futhi babuyiselwa imali abebekweletwa yona zingakapheli izinsuku ezintathu. 

Uthe loku kuhlonipha umthetho kuneqhaza elibalulekile ekusebenzeni ngendlela kukahulumeni nasekukhokheleni izidingo zomphakathi ezimqoka nokusiza inqwaba yabantu. 

I-SARS ithe bawu-7.9m abantu asebethumele imininingwane yabo kanti kusele abawu-854 408.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page