Nakuba i-Black Friday kuyisikhathi sokutitiliza izimpahla kodwa yisikhathi sokuxhopheka kwabathengi. Izithombe: Zithunyelwe

Abathengi abavule amehlo ngezindali zange-Black Friday – abeluleki 

WUBONISWA MOHALE

KUXWAYISWA abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele “izindali” ze-Black Friday njengoba kuza lolu suku oluthathwa njengokuthi lusuke lunemititilizo eminingi. 

Izinhlaka ezimbili ezilwela amalungelo abathengi iNational Financial Ombud (iNFO) neKwaZulu-Natal Consumer Tribunal zithi abathengi kufanele baqaphele ngaphambi kokukhithiza “endalini” ye-Black Friday

I-lead ombud ye-Credit and Banking Division yeNFO uNkk uNerosha Maseti ithi: “Ukukhithiza okwenzeka nge-Black Friday kungafaka abathengi engcupheni yokungena ezikweletini uma bethenga ngemali akade bengayihlelelanga. Akufanele izindali zifake abantu ezikweletini. Yiloko esifuna abathengi bakuqaphele,” kweluleka yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/26/kusasa-yindali-yodumo-yonyaka-eyaziwa-ngokuthi-ublack-friday-ngalolu-suku-abantu-baphuma-ngobuningi-babo-ngoba-bekholwa-ukuthi-izimpahla-zicoshwa-phansi-nokho-abathengi-bayaxwayiswa-ukuthi-bahlolisi/ 

UNkk uMaseti uqhube wathi ukuthi into isendalini akusho ukuthi umuntu kufanele ayithenge uma ebengahlelanga ukuyithenga ngoba loko kuzomfaka ezikweletini. 

Unxuse abantu ukuthi bangathengi ngama-credit card ngoba loko kuzobacwilisa ezikweletini kodwa imali kufanele bayibekele ukuthenga izinto ezibalulekile njengemizi, imfundo, ukuya eholidini nokongela izikhathi ezinzima. 

Uthe kufanele baqaphele nokuthi ngesikhathi bethenga izigebengu zisuke zicuphe kuzo zonke izindawo ngisho na-online ukuntshontsha imininingwane yabo.

UNkk uMaseti ululeka amakhasimende ukuthi ahlale eqaphile nge-Black Friday

“Izigebengu ziye zishayele abantu ucingo zizenza izinkampani zalapho abantu belondoloza khona imali noma abanama-credit card azo zibacele ukuthi bazinike i-one time pin yabo (i-OTP) ukuze zizothenga. Abantu bakhumbule ukuthi ayikho inkampani ezokucela i-OTP. Sikhathazekile ngoba izigameko zokuqolwa kwabantu zidlangile nge-Black Friday,” kweluleka uNkk uMaseti. 

Uthe kunomuntu oqolwe uR120 000 ngethikithiki eliwumbombayi alithenge ngoba lishibhile ayelibone ezinkundleni zokuxhumana. 

Khonamanjalo, iKwaZulu-Natal Consumer Tribunal inxusa abantu ukuthi bangalokothi basayine izinkontileka abangaziqondi uma bethenga izimpahla futhi bangayikhokheli into abangayibonanga.

Ithe njengoba kuza i-Black Friday abantu kufanele babheke ukuthi indali ekhangiswayo iyindali ngempela yini ngokuqhathanisa amanani ezimpahla kusukela kuqala unyaka kuze kubewuNovemba. 

Amanye amasu okuvika ukuqoleka: 

  1. Ungalokothi unike abanye abantu i-OTP yakho noma ngabe bathi bakuthinta besebhange lakho noma enkampanini ye-credit card
  2. Nqamula izingcingo ezisolisayo, uthinte inkampani obeka imali kuyona noma ye-credit card yakho.
  3. Ungazikholwa zonke izikhangiso zezindali nemincintiswano ezisezinkundleni zokuxhumana ngoba ezinye zisuke zenziwa ngamaqola. 
  4. Ungalokothi uthumele imininingwane yakho eyimfihlo, okubalwa inombolo yocingo nokunye ezinkundleni zokuxhumana. 
  5. Ungathathi ama-app ongawazi, sebenzisa izinkampani ezigunyaziwe ukuthenga ama-app.
  6. Yiqaphe ngeso lokhozi i-akhawunti yakho ukuze ubone uma kukhona okungahambi kahle nsuku zonke. 
  7. Bikela ibhange ngokushesha uma kukhona ongakuqondi okwenzeka kwi-akhawunti yakho. 

I-NFO itholakala ngokushayela u-0860 800 900 nange-email ethi info@nfosa.co.za.

UDumisa uthe abathengi baseKZN bayakwazi ukuthola izixazululo ngokushesha uma bethinta iKwaZulu-Natal Consumer Tribunal. 

Uthe baxazulula zonke izinkinga zabathengi kusukela kwezokuthenga izimpahla ezitolo, ezabakhi abahluphayo, ezabahleli bemicimbi, ezamagaraji adayisa izimoto ezingekho sesimweni nokunye okuthinta abathengi. 

Uthe abayona inja enganamazinyo ngoba izinkampani eziphula umthetho wabathengi ziyahlawuliswa. Ukufaka isikhalo kwiKwaZulu-Natal Consumer Tribunal kumahhala ngokungenga ku- https://kznconsumeraffairs.gov.za/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page