Inhloko ye-Digital and E-commerce eStandard Bank uDkt uBelinda Rathogwa ihlomisa amakhasimende ngezindlela zokungaqoleki ngemititilizo ye-Black Friday. Isithombe: Sithunyelwe

Amasu okuthenga ngokuphepha nge-Black Friday

NJENGOBA sekusondele usuku lwendali enkulu i-Black Friday, sibona amakhasimende amaningi engena online ukuthola izindali ezitholakala khona.

Kodwa-ke, ngesikhathi abantu bejahe izindali, namaqola athatha leli thuba ukubagila. Ngakho-ke abantu bayaxwayiswa ukuthi baqaphele.

Inhloko ye-Digital and E-commerce eStandard Bank uDkt uBelinda Rathogwa unxuse abathengi ukuthi bakhumbule ukuphepha uma bethenga online.

Qaphela lamaqhinga okuqola:

“Elinye lamaqhinga esilubona lwenyuka ngoBlack Friday lufaka ukuqola ngezimpahla ezidayisa online.Izigebengu zizenza izitolo ezidayisa izimpahla online noma ezinkundleni zokuxhumana ngokwenza ama-website omkokotelo bese abathengi bethenga izimpahla kodwa zigcine zingafikanga kubona,” kusho yena.  

Uthe olunye uhlobo lobuqola yi-phishing, lapho abantu bethola ama-email anendali engakholakali esuke ihambisana ne-link okungenwa kuyona ukuze umuntu akwazi ukuthola leyo ndali. Ingangena iyi-SMS, nayo enendali, okubizwa nge-smishing, nayo ehamba ne-link. Ngebhadi ukuciphiza leyo link kubeka umuntu engcupheni yokuqolwa ngoba kusuke kuyi-link enogcobho.

“Uhlobo lokugcina lokuqola yi-vishing lapho izigebengu zishayela abantu ucingo zibakhiphise imininingwane yabo eyimfihlo ezozisiza ukubaqola. Ungalokothi ukhiphe imininingwane yakho eyimfihlo, okubalwa inombolo yekhadi, i-OTP, i-pin noma imininingwane yakho yokungena online uma ubhenka,” kusho uDkt uRathogwa.

Qaphela okusolisayo:

Uma uthenga kwi-website kunezinto ongazibheka ezikutshelayo ukuthi ngabe yi-website esemthethweni ongene kuyo.

Okokuqala, bheka i-URL ye-link eba phezulu ukuthi ngabe igama lesitolo libhalwe ngendlela elibhalwa ngayo esitolo sangempela. Sivamise ukubona amaqola elishintsha kancane igama lesitolo kwi-website ukudida abantu.

Okwesibili, abantu abangakubheka wusuku i-website eyenziwe ngalo. “Uma uthenga esitolo esesineminyaka sabakhona bese uthola ukuthi i-website yaso yenziwe ngenyanga edlule, kufanele uzibuze imibuzo ngaphambi kokufaka imininingwane yekhadi lakho.”

Okwesithathu, bhekisisa imininingwane yokuxhumana nabesitolo ukuthi ngabe kufakwe ikheli lehhovisi elitholakayo? Ngabe izinamba zocingo ezibhaliwe ziyafana yini nezasesitolo esiqondile. Bheka ukuthi umdayisi kuthiwani ngaye ngoba abathengi babeka imibono ngezinkampani abathenga kuzo.

Ngaphambi kokukhokha online, sebenzisa izindlela zethu zokuqinisekisa i-akhawunti ngokufaka imininingwane ukuze uthole ukuthi imali izoya kuleso sitolo othenga kuso ngempela. Uma ungenaso isiqiniseko, ungaqhubeki nokuthenga, kungcono uyobuzisisa esitolo esiqondile.

Izinsiza ongazisebenzisa kwi-app namasu angakusiza:

Thenga ngemali onayo. “Sinezinsiza kwi-app ezingakusiza ukusebenzisa imali kahle njenge-Budget Manager. Abantu bazijwayeze ukusebenzisa ama-virtual card. Sine-virtual credit card. Abantu bangayisebenzisa futhi sikupha imihlomulo uma uyisebenzisa,” kwengeza yena.

Okokugcina, ukuphepha kwi-vishing qinisekisa ukuthi une-trust call kwi-banking app yakho ngoba izokwazisa uma uthintwa ngamaqola azenza abantu basebhange. Ungafaka nomunye umuntu ozokwazi ukubona uma kukhona okusolisayo okwenzeka kwi-akhawunti yakho bese ebika.

Ngaphambi kokuthenga online, qaphela ukuthi ubhekisise ukuthi yisitolo esiqondile yini othenga kusona. Bhekisisa, ikakhulu uma kushibhe kakhulu.

Lolu wudaba olukhokhelwe yiStandard Bank

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page