UNksz uLaura Makhafola, umsunguli weHouse of Laura Furniture & Décor yaseGoli, eGauteng, eyenza ifenisha kaNokusho. Izithombe: Zithunyelwe

Okhule ezifela ngezinto ezinhle usenza ifenisha kaNokusho 

WUTHOBILE ZWANE 

KUSUKELA isencane intokazi yaseGoli yayazi ukuthi ayigcini nje ngokufuna ukwenza izinto kuphela kodwa futhi ezinenjongo. Namuhla isiwusomabhizinisi onothando lokwenza ifenisha yekhethelo.

UNksz uLaura Makhafola, umnikazi weHouse of Laura Furniture & Décor, unebhizinisi eselikhule laba ngesinye sezibonelo ezikhuthazayo zaseNingizimu Afrika zokuthi ibhizinisi lingahlanganisa kanjani ubuciko nokuletha impilo engcono emphakathini.

Ibhizinisi lakhe ulivule ngokusemthethweni ngoJanuwari walo nyaka ngoba efuna ukuvuselela umbono wakhe wokwenza ifenisha kaNokusho. Inhloso yakhe bekuwukwenza ifenisha ezokwenza ingaphakathi lendlu noma lehhovisi libukeke lilihle ngokudlulele. 

Amanani efenisha ayenzayo aqala kuR3 000 kuya kuR9 000 kuya ngokuthi ikhasimende lifunani.

UNksz uMakhafola uthi ibhizinisi like labhekana nezinselelo. “Ngibhekane nezinkinga ezihlukene, engingabala kuzona ukuthola imikhiqizo esezingeni eliphezulu. Benginenkinga yokungakwazi ukukala umkhiqizo engifanele ukuwenza nokuhlangebezana nezidingo zamakhasimende. Ngokwakha ubudlelwano obuqinile nezinkampani ezikhiqiza izinsiza engizidingayo ukuze kuhlangane ubuciko besimanje obungaphelelwa yisitayela, ngikwazile ukunqoba izinkinga,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/08/uthando-oludala-lokuhlobisa-selithele-izithelo-kowakha-ifenisha/

Uthe loku kumenze wakwazi ukwenza ibhizinisi lakhe lahamba kahle futhi lithembeke lapho kuncintiswana khona.

Imikhiqizo esezingeni eliphezulu yeHouse of Laura Furniture & Décor

Yize engathandi ukudalula ukuthi unezisebenzi ezingaki kodwa uthi usevulele intsha eningi amathuba omsebenzi ayiqashe ngokugcwele. Unohlelo lofundisa abantu ukwenza ifenisha i-Headboard & Base Making Training Programme.

Iseluleko sakhe kosomabhizinisi uthe: “Vumela inhloso ilawule ibhizinisi lakho, tshala imali kubantu, hlala uhambisana nezimo futhi uhlale wenza izinto ngeqiniso.”

Uma uNksz uMakhafola ebuka ikusasa, uthi ufisa ukuqhubeka nokukhulisa iHouse of Laura nokwandisa izinhlelo zokuqeqesha nokululeka abantu abafuna umsebenzi wezandla.

Facebook: House of Laura 

Instagram: house_of_laura01

TikTok: houseoflaura01

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page