Abahola kancane basebenzisa u-92% ukukhokhela izikweletu – ucwaningo
YINTATHELI YOMBELE
PHEZU kokwehla komthwalo emahlombe abantu baseNingizimu Afrika njengoba iBhange lomBuso lehlise imalimboleko kodwa iningi lisacwile ezikweletini.
Ucwaningo lwekota yesithathu lwenkampani eluleka abantu abacwile ezikweletini iDebtBusters luveze ukuthi abantu abahola uR5 000 ngenyanga basebenzisa u-92% womholo wabo ukukhokhela izikweletu.
Inhloko yeDebtBusters uMnu uBenay Sager ithi: “Uma kwehla imalimboleko abantu bayajabula ngoba loko kusuke kusho ukuthi izokwehla imali abayikhokha ezikweletini zabo kodwa eNingizimu Afrika isimo sibi ngoba abantu banezikweletu eziningi. Sithole ukuthi abahola uR35 000 ngenyanga badinga u-78% womholo wabo ukukhokhela izikweletu, kuthi abahola uR5 000 basebenzise u-92% womholo ukukhokhela izikweletu.”

Ithe eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule imiholo ayinyuki ngendlela efanele, okusho ukuthi abantu abasebrenzayo bahlale bedinga imali yokwenza ezinye izidingo zabo. U-Sager uthe iningi labo liphila ngama-personal loan.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/11/yazi-futhi-uqonde-indlela-yokwengamela-izikweletu/
“Kubantu abafuna usizo lokululekwa ngezikweletu u-95% une-personal loan, u-57% uboleka imali uma uqeda ukuhola, kuthi u-22% usebenzisa i-overdraft. Izikweletu zezimoto nazo zinyukile,” kusho yena.
Izindleko zikagesi sezinyuke kakhulu njengoba usubiza u-165%, uphethroli, osunyuke wafinyelela ku-80% uma uqhathaniswa nezinga owawukulona ngo-2016.
U-Sager unxuse abantu abanezikweletu ukuthi bangalindi isimo size sibesibi ngoba bangakwazi ukuthola usizo kubeluleki bezikweletu ababhalisiwe. NgoSepthemba uthi bethule uhlelo olugqugquzela abantu ukuthi bonge imali i-MyMoneySaver, olusiza abantu ukuthi bonge uma bethenga igrosa noma bezikhiphile.

