Inhloko yezeNtsha eStandard Bank uNks Tshiamo Molanda ithi manje abantu abaqala ukusebenza sebebeka phambili amandla ephakethe labo kunokuhlonishwa uma bethenga. Isithombe: Sithunyelwe

Kungani abantu abaqala ukusebenza bephuza ukuthenga izindlu

YINTATHELI YOMBELE

UKUSUKA emholweni wokuqala ufinyelele ekukwazini ukuthenga umuzi wokuqala kuwuphawu lokukhula. Nokho kubantu abaningi abasanda kuqala ukusebenza loku sekuthatha isikhathi eside kunakuqala. 

Ngokombiko i-First 100 Paychecks Report ye-UCT Liberty Institute of Strategic Marketing, yeLiberty neStandard Bank, iminyaka yabantu abasanda kuqala ukusebenza abaqala ukuthenga umuzi ihlehlile isuka eminyakeni ewu-33 iya kwewu-37. 

Nakuba i-Youth Barometer yaseStandard Bank ikhombisa u-40% wabantu abaqala ukubuza ngokuthenga umuzi eminyakeni emibili edlule ibivela kubantu abaneminyaka ewu-35 kodwa abaningi bayaphuza ukuthenga umuzi wokuqala baze bathenge emva kweminyaka eminingi besebenza.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/12/intsha-inomasingcwabisane-womndeni-futhi-ithenga-imizi-ebizayo-ucwaningo/ 

Ziningi izizathu zaloko, okukhombisa ubunzima bokukhula. Lesi yisizukulwane esizama ukubhalansisa ukuzimela, ukondla ekhaya nokuthuthuka emnothweni ongakhuli onezindleko zokuphila eziphezulu nemisebenzi enqabile.

I-First 100 Paychecks Report iqhakambisa ukwanda “kokuhluleka ukukhula”. Cishe uhhafu wabantu abaneziqu zasenyuvesi abawu-700 obuziwe ocwaningweni uthathe okungenani iminyaka emibili ukuhamba emakubo ngemva kokuthola umsebenzi, kwathi u-12% ubusahlala emakubo. Kwasebehambile emakubo, bangaphezu kukahhafu abahlala nomuntu abathandana naye kunokuhlala bodwa.

I-lead specialist ye-Research & Insights eLiberty uNks uZandile Makhoba ithi: “Umholo wokuqala uyizinto ezimbili kanyekanye. Unikana inkululeko futhi ubange ixhala. Usho isikhathi umuntu eyeka ukondliwa, eseqala ukondla abazali, izingane zakubo naye. Abagcini nje ngokuqala ukusebenza kodwa baqala ukuthwala ijoka.”

Lelo joka livame ukuqala ngaphambi kwezinto ezinkulu ezinjengokuthenga umuzi. Abaningi baqala bakhe noma balungise emakubo ukukhombisa ukubonga nokwenza umsebenzi obahlalele. “Kunentshisekelo enkulu yokuqala ‘ukwakha ekhaya’ ngaphambi kokuzakhela,” kusho yena.

Inhloko yezeNtsha eStandard Bank uNks uTshiamo Molanda ithi leli joka licaca kahle endleleni yokuboleka. Ithi akugcini nje ngokuhlehla iminyaka yokuthenga umuzi kodwa manje abantu abaqala ukusebenza sebebeka eqhulwini amandla abo kunokuhlonishwa uma bethenga izimoto.

Njengoba izindleko zokuphila zingaphezu kwemiholo, irenti ngenye yezinto eziwumthwalo omkhulu, ikakhulu emadolobheni anjengeCape Town neGoli. Izibalo zeStandard Bank zikhombisa ukuthi abantu abaneminyaka engaphansi kwewu-35 basebenzisa ingxenye enkulu yemiholo yabo kwizidingongqangi, kusale encane yokubekela imali yediphozithi noma yesikweletu sendlu. Ngenxa yaloko, iningi liqhubeka nokubayiziqashi, lithenge imizi uma izinto sezizizinzile emsebenzini.

“Ukuthenga umuzi uneminyaka ewu-37 akusho ukungabinazifiso,” kusho uNks uMolanda. “Kusho iqiniso lokubhalansisa izinto phakathi kokuphila nejoka lokondla ekhaya. Lesi sizukulwane siyaphokophela. Sibheka ikusasa.”

I-First 100 Paychecks Report ibheka ukushintsha kwendlela yokuphatha imali kubantu ngeminyaka eyishumi yokuqala. Baqala basebenzise imali ezimotweni, izingubo, izingcingo, konke okuyizimpawu zokuzimela ngaphambi kokubanamandla okuthenga umuzi.

Lo mbiko ukhombisa ukuthi abantu abathenga imizi bafunda ukuphatha imali kangcono, bonge futhi batshale imali ngokuvamile. Abaningi bagcina beqhubeka nezifundo zabo, bandise izindlela zokungenisa imali, bathole ulwazi lokutshala imali ukugqashula iketango lokuphuza ukwakha umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page