Amakhasimende aseFNB asezokwazi ukuthumela imali emazweni awu-120 emva kokuthi leli bhange lethule iGlobba, ubuchwepheshe bokuthumela imali obusha, ngokubambisana neMastercard. Isithombe: Sithunyelwe

Kwethulwe indlela entsha yokuthumela imali kwamanye amazwe

WUSLINDILE KHANYILE 
Ebika eseGoli 

SEKUZOBALULA kumakhasimende aseFNB nosomabhizinisi abancane ukuthumela imali kwamanye amazwe ngemva kokuthi leli bhange lithule indlela yokukwenza lokhu ebizwa ngeGlobba. 

Le ndlela entsha evumela ukuthi imali ithunyelwe cishe emazweni awu-120 liyethule ngokubambisana neMastercard kanti izindleko zaloku ziqala kuR30. 

Zenza lesi simemezelo ngesonto elidlule, lezi zinkampani zithe loku ngenye yezindlela yokuphucula izimpilo zamakhasimende ngoba kuzosiza amakhasimende asebenzisa amaziko obuchwepheshe nasathanda ukukhipha ukheshi njengoba kukhona namaspaza ezisebenzisana nawo. 

Zithe okunye okumqoka yindlela ephephile yokwenza lokhu. Phakathi kwamazwe imali ezothunyelwa kuwona kubalwa iZimbabwe, iMalawi, iMozambique neGhana. 

Isikhulu esiphezulu seFNB Personal Segment uNks uLytania Johnson uthe kunocwaningo lweBhange loMhlaba oluveze ukuthi emalini ewu$1.86 billion (uR31.7bn) ethunyelwe kwamanye amazwe iqhamuka e-Afrika, ingxenye enkulu yale mali ibithunyelwe ngabantu abaseNingizimu Afrika. 

“Sihlale sibheka ukuthi amakhasimende ethu azibona kanjani izinto nokuthi yini esingayenza ukuwenzela impilo ukuthi ibelula. Sibheka nezindleko zawo, ukuphepha nokuthi singawasheshisela kanjani izinto. Njengoba kukhona nezindawo eziseduze kwabantu esisebenzisana nazo kusho ukuthi umuntu (abanye abantu) ngeke kusadingeka bagibele amatekisi amathathu ukuyokhipha imali uma bethunyelelwe yona,” kusho uNks uJohnson.

Isikhulu esiphezulu seFNB Foreign Exchange uMnu uRichard Porter sithe imali umuntu angayithumela ngonyaka ayikwazi ukweqa kuR1 million okwamanje. 

“Yize ubuvele ukwazi ukuthumela imali kwamanye amazwe kodwa manje asandile amazwe esisebenzisana nawo kukhona nokuthi usukwazi ukuthumela imali ngisho kumuntu ongenayo i-akhawunti kanti akudingi ukuthi kubewukuthi ibhange livuliwe,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/10/kungani-ib20-ibalulekile-emnothweni-weningizimu-afrika-kuloba-ubusi-mavuso/ 

I-Mastercard isebenza emazweni awu-180 ngezinhlobo zemali eziwu-150. Isikhulu esiphezulu seMastercard eSouthern Afrika uMnu uGabriel Swanepoel uthe lobu dlelwano buzosiza kakhulu nabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya bakwazi ukuthumela imali noma ngabe kuphi. 

“Inqobo nje uma uneselula, ikwazi ukudonsa kahle uzokwazi ukuyithumela imali. Ziyanda izindawo okwazi ukusebenzisa ikhadi kuzona, ngo-2021 zaziwu-600 000 kodwa manje zingaphezu kwango-2.2m.” 

Lezi zinkampani zethula iGlobba nje, kuleli sonto kuhlangene amazwe ehluekene eNingizimu Afrika ngenxa yeG20 kanti enye yezinto eziseqhulwini kulo mbuthano wukuphucula indlela amazwe athumelana ngayo imali. Zivumelene ngokuthi ukulungisa loku ngenye indlela yokwandisa isibalo sabantu ababamba iqhaza emnothweni.

Isikhulu esiphezulu seFNB Private Segment uMnu uSizwe Nxedlana sithe ukuphucula ukuthi abantu bakwazi ukuthumela imali kalula kwamanye amazwe kuyisisekelo sokuthi bagcine sebekwazi nokwenza ezinye izinto ebhange elizothuthukisa impilo yabo. 

UNxedlana uthi kubalulekile kubona ukuthuthukisa impilo yabantu

Uthe bayaziqonda izinselelo ezikhona ezifana nengqalasizinda ezwekazini lonke. Muzwe echaza.

Iphini likamengameli we-Regional Commercial and New Payment Flows e-Eastern Europe, iMiddle East ne-Afrika eMastercard uMnu u-Onur Kursun lithe lolu hlelo luzokwenza ukuthi yonke into eyenzeka ngokuthumela imali kwamanye amazwe ihlale obala futhi kuzokwenza abantu bayithembe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page