I-Google isizokhokhela izinkampani zaseNingizimu Afrika ngezindaba zazo
YINTATHELI YOMBELE
KUPHELILE ukuxhashazwa kwezinkampani zaseNingizimu Afrika yizinkampani zobuchwepheshe okubalwa iGoogle, iYouTube nezinye emva kokuthi ikhomishi eyengamele ukuncintisana okuhle iCompetition Commission inqume ukuthi lezi zinkampani kufanele zikhokhe.
Ngesikhathi ethula umbiko weMedia and Digital Platforms Market Inquiry ngoLwesine ukhomishana weCompetition Commission uNks uDoris Tshepe uthe bathole ukuthi iGoogle iyona enamandla okusabalalisa kakhulu izindaba nge-internet ngoba abantu abaningi basebenzisa yona ukufuna ulwazi oluhlukene.
Iphini lakhe nebeliwusihlalo walolu phenyo uMnu uJames Hodge lithe emhlabeni jikelele izinkampani zobuchwepheshe ziyakhonya ekusabalaliseni imininingwane futhi yizona ezithola izikhangiso eziningi. Phakathi kwezinkampani athe ziyabusa ubale iGoogle, iMeta, iYoutube neX.
“Ukukhonya kwalezi zinkampani, kulimaze ukusimama kwezezimali kwemboni yezindaba eNingizimu Afrika, ikakhulu njengoba izindaba zaseNingizimu Afrika zisetshenziswa yilezi zinkampani ngaphandle kokunxephezela imboni yezindaba yakuleli zwe,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/01/11/ikhomishini-yokuncintisana-ibheka-isinqumo-esivune-amabhange/
Uthe iGoogle ithatha izindaba kuma-website ezindaba aseNingizimu Afrika bese izisebenzisa kodwa izinkampani zakuleli zwe azihlomuli ngendlela efanele.
I-Google neYouTube zenze isivumelwano sokusiza imboni yezindaba yaseNingizimu Afrika ngoR688 million eminyakeni emihlanu ezayo. Le mali izosiza izinkampani izinkampani ezinkulu, ezincane nezomphakathi. Kuzosizakala izinkampani ezishicilela nezisakaza ngezilimi zesintu ngokuqeqeshwa okuhlukene, okuhambisana nobuchwepheshe besimanje.
I-South African National Editors’ Forum (iSanef) iwuthakasele umbiko weCompetition Commission, yathi ubalulekile ekuvikeleni le mboni njengoba ibhekene nezinkinga ezihambisana nobuchwepheshe.
I-Sanef income iCompetition Commission ngesineke sayo njengoba iqale uphenyo ngo-Ephreli wango-2023 isebenzisana nethimba layo elinokuqonda okunzulu kobuchwepheshe. Ithe iCompetition Commission ixoxe nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze ikwazi ukubanolwazi oluyiholele kwizincomo ezizosiza le mboni.
UNks uTshepe udlulisele umbiko kungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau, wathi: “Lo mbiko ubalulekile ngoba ukhuluma ngemboni ebalulekile ekusekeni intando yabantu, ukuvikela amalungelo ezakhamuzi nokuqinisekisa inkululeko yokubeka imibono.” Uthe izincomo zabo zizoqinisekisa ukuthi imithombo yezindaba iyasimama.
I-Sanef ithe imboni yezindaba yiyona eqinisekisa ukuthi izakhamuzi zinolwazi futhi zikwazi ukuqinisekisa ukuthi iziphathimandla ziyaziphendulela ngezinqumo ezizithathayo. Ithe uma izincomo zalo mbiko zisetshenziswa yimboni yezindaba izosimama, ikakhulu eyomphakathi nesabalalisa izindaba ngezilimi zesintu.
UTau uthembise ukuthi umbiko uzowudlulisela ePhalamende kungakapheli izinsuku eziyishumi ukuze lize nendlela elula yokusebenzisa izincomo zeCompetition Commission.
Phakathi kwezincomo zeCompetition Commission wukuthi UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ukhiphe umyalelo ozovumela izinkampani zezindaba ukuthi ziye ezingxoxweni zibambisene.
Ezingxoxweni kuzokhulunywa ngokuziholela ngezindaba ezishicilelwe, ilayisensi yokusetshenziswa kwezindaba kwi-artificial intelligence, imali ezizoyenza ngezikhangiso, ukudayisa izindaba zemithombo yezindaba zomphakathi nokusimamisa umthetho i-Electronic Communication and Transaction Act.
Lapha kufaka ukuzilawula ngokushicilela ezinkundleni zokuxhumana nokusungula umlawuli ozobheka izikhalo zabezindaba ngezinkundla zokuxhumana.
I-Google ithembise ukuthi izoza namathuluzi amasha azoqinisekisa ukuthi izindaba zaseNingizimu Afrika yizona ezibonakala kuqala uma abantu befuna izindaba futhi loku kuzokwenzeka nakwezinye izinkampani zobuchwepheshe ebale iMSN kuzona. I-Meta izobanehhovisi lomxhumanisi wezinkampani zezindaba nayo, kubenezifundo ezizosiza imithombo yezindaba ukuqonda ukuthi imali yenziwa kanjani. Loku kuzokwenziwa yizo zonke izinkundla zokuxhumana okubalwa i-X, iYouTube neTikTok.
Izinkampani zezindaba zaseNingizimu Afrika zizothola imihlomulo efanayo netholwa yizinkampani ezingaphansi kwe-European Union.

