Ukuphuma kwi-grey list kunezifundo esingazisebenzisa kwezinye izinguquko, kuloba uBusi Mavuso
KUFANELE sijatshulelwe isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi iNingizimu Afrika isiphumile ohlwini okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force (iFATF).
Ngaphezu kwaloko, kunezifundo eziningi esingazifunda ngokuthi yini eyenzekayo uma sizimisela ngezinguquko ezinqala.
Ngesikhathi ukufakwa kwi-grey list kuseyingozi efufusayo, iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) yenza ucwaningo olwatshengisa ukuthi umphumela emnothweni ungabangaphansi kuka-1% uma siphuthuma ukulungisa kuye ku-3% uma sitotoba futhi singazimisele ukugcina izimfuno zeFATF.
Saxwayisa ngokuthi isithunzi sethu sizocekeleka phansi kakhulu, okubalwa ukuphucula indlela okugadwa ngayo uma kunemali ephumayo eNingizimu Afrika iya kwamanye amazwe, ukuphela kobudlelwano bokusebenzisana namabhange akwamanye amazwe nokungabiklamuklamu ukutshala imali.
Izindaba ezinhle wukuthi sikwazile ukunciphisa lowo monakalo nesikhathi esasilinganisiwe ngenxa yokuzimela kwethu kulezi zinyanga ezingu-32 ezidlule esizisebenzisele ukulungisa zonke izinto eziwu-22 obekufanele sizilungise njengokusho kweFATF.
Akuyona into encane lena, ikakhulu uma sibheka ukuthi ezinye zalezi zinto bezidinga ukuthi sitshengise ukuthi siyakwazi ukuphucula izinto ngesikhathi ebesinqunyiwe futhi kwenzeke kahle, hhayi nje ngokushintsha imithetho kuphela kodwa ngokuthi kwenzeke ngempela.
Ukuphuma kulolu hlu lweFATF kutshengisa into esivame ukuyikhohlwa eNingizimu Afrika: ukuthi uma sihlanganisa ukuzimisela kwezombusazwe, abantu abanamakhono esinabo futhi sigxila kokufanele sikwenze siyayithola imiphumela efanele. Kuningi obekudingeka ukuze siphumelele.
Okokuqala, bekufanele kubekhona ozoqondana ngqo nalo msebenzi. UmNyango weziMali ubuwusihlalo wekomiti leminyango ehlukene ebelihola uhlelo, ubika njalo kwikhabhinethi futhi ugade ngeso lokhozi umsebenzi. KwiFATF kusetshenziswa uhlelo lokuthi ontanga bagadane, ngakho besazi ukuthi wubani ozosahlulela nokuthi kufanele senze njani ukubajabulisa.
Bekunohlelo olucacile ngoba namanye amazwe ayathinteka uma izikhungo zaseNingizimu Afrika zigwamandwe abantu abashushumbisa imali nabaxhasa izenzo zobushokobezi.
Okwesibili, uhulumeni ububambisene namabhizinisi. Amabhange nezinye izikhungo asebenzisene nekomiti, kwahlinzekwa izinsizakusebenza ukuseka ukuqeqesha abaphenyi nezinye izindlela obekudingeka kungenelelwe ngazo.
I-BLSA yasayina isivumelwano noPhiko lokuShushisa eZweni ukulekelela ngamakhono abaphenyi nabahlaziyi. Ngohlelo lweBusiness Against Crime, sihlinzeke izinsizakusebenza namakhono ukweseka uphiko lobulungisa. Ngaphezu kwaloko, lokhu kusebenzisana kusizile ukuphucula isibalo sabantu abasebenzayo kuhulumeni.
Okwesithathu, bekunemizamo ebonakalayo yokugcina umthetho. UPhiko lwamaCala aseQhulwini (oKlebe), olweziNhloli nolokuShushisa eZweni bandise isibalo samacala abebewaphenya nokushushisa athinta ukushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi. Loku yiyonanto ebinzima kakhulu ngalolu hlelo, kungadingi nje ukuthi kushintshwe imigomo kuphela kodwa nendlela yokusebenza.
Okwesine kubewukusebenza ngendlela eseqophelweni eliphezulu kwabalawuli. I-Financial Intelligence Centre, iBhange loMbuso, iFinancial Sector Conduct Authority, iCompanies and Intellectual Property Commission nezinye izikhungo baphucule indlela abasebenza ngayo, bansinywa lapho kufanele khona futhi baqinisekisa ukuthi imininingwane ngokuthi wubani umnikazi wani itholakala kalula. Wumsebenzi obunzima lona kodwa bawenzile.
Okwesihlanu, yonke into ibisobala futhi kubikwa njalo. Izikhulu bezibika njalo ngosekwenzekile futhi zitshengisa inqubekelaphambili ngayo yonke into. Loku kulethe ithemba lapho ekhaya nakwamanye amazwe futhi neFATF ibonile ukuthi sizimisele ukuthobela imigomo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/21/akusebenzeki-uma-bengajezi-abantu-ngokukhwabanisa-nenkohlakalo-kuloba-ubusi-mavuso/
Kufanele sikhulume iqiniso ngokuthi yini edale ukuthi sizithole sesisohlwini i-grey list. Kuwumphumela wokugwamanda amandla ombuso okwaholela ekucekeleni nasekuphazamiseni umsebenzi wezikhungo eziphenyayo. Izinto ebezikhathaza iFATF ngomunye wemivuzo yalo monakalo.
Njengoba sesikwazile ukuzivuselela lezi zikhungo futhi kokunye sezisebenza kangcono kakhulu kunezaziyikona kuqalai, kuwubufakazi bobuholi obunohlonze obukhona kuzona futhi kutshengisa ukuthi kwenzekani uma sibhekana ngqo nemiphumela yokugwamanda amandla ombuso kunokwenza sengathi akwenzekanga.
Njengoba ngasho ngesikhathi sishicilela umbiko ngezingozi zokufakwa kwi-grey list ngo-Okthoba wango-2022, sidinga ukuqinisa imithetho yokulwa nokushushumbisa imali. Lolu hlelo lweFATF lwenze ukuthi siqinise izindlela esilwa ngayo nobugebengu obuthinta amabhizinisi. Lezi zinguquko ziqinisa imboni yethu yezimali, ziphucula ithema labamabhizinisi futhi zilethela umnotho waseNingizimu Afrika isithunzi.
Sekufuneka manje lezi zifundo sizisebenzise kwezinye izindawo. Ukuphuma kwi-grey list kusitshengisa indlela okufanele sibhekane ngayo nezinye izinguquko ezinqala. Kufanele sizinqumele esifuna ukukuzuza, okuphathekayo, singaloku sishintsha futhi impumelelo kufanele siyibone ngokuthi iphucuke indlela esisebenza ngayo. Ukubambisana, ukubeka yonke into obala nokuzimisela kwabaholi bezombusazwe kusizile kulolu hambo lweFATF.
Okokugcina, akufanele kulungiswe imigomo nje kuphela kodwa akulungiswe nendlela okusetshenzwa ngayo. Izinto obekufanele zenziwe bezidinga ukuthi kuhlale kutshengiswa ukuthi indlela okusetshenzwa ngayo iyaphucuka, hhayi nje ukushaya imithetho emisha kuphela.
Sizenzile izinto, asigcinanga nje ngokuba namaqhinga. Le migomo yiyona okufanele isilawule noma sesenza izinguquko zikagesi, ezokuthutha, ingqalasizinda yamanzi nakwezinye izindawo ezimqoka lapho ushintsho ludingeka khona.


