UNksz uMashudu Mfomande, umsunguli weVery Tsonga yaseTzaneen, eLimpopo, evubela utshwala obuqhakambisa isiko lesiTsonga. Izithombe: Zithunyelwe

Wenza iziphuzo ezixoxa indaba yamaTsonga ngebhodlela

WUTHOBILE ZWANE 

USOMABHIZINISI waseLimpopo ugabisa ngokuceba kwesiko lwamaTsonga ngemikhiqizo yakhe ekuxoxa izindaba zase-Afrika ngebhodlela.

UNksz uMashudu Mfomande, waseTzaneen, umnikazi weVery Tsonga uthi umqondo wokuvubela iziphuzo ezihlukene njenge-gin, i-brandy, amawayini nama-sparkling juice ahlukile futhi anobuhle besimanje obugqamile wamfikela ngo-2021. Imikhiqizo yabo ikhuthaza ezobuciko, amasiko, amagugu nolimi. 

“Uma ngivakashela kwezinye izifundazwe, bangibuza ukuthi iphi iVery Xhosa, neVery Venda kodwa sesizobanazo maduze eqoqweni lethu,” kusho yena.

Ngaphambi kokuqala umkhiqizo wakhe iVery Tsonga, wayephethe iMash Wines and Beverages kodwa ngenkathi kubheduka i-Covid-19 kwavala ukudayisa utshwala. Loko kwacishe kwavala ibhizinisi lakhe. Nokho kuleyo nselelo wavusa ibhizinisi lakhe.

Echaza ngegama lebhizinisi uthi laqanjwa yindodana yakhe. “Indodana yami inebala elikhanyayo, ekhanda inemiyeko emikhulu kanti abantu bavame ukungakholwa ukuthi iwumTsonga. Yayihlale ibachazela abantu ngokuziqhenya, ithi ‘ngiwumTsonga’, uma abantu bemangala beyizwa ikhuluma isiTsonga. Kwaba wubuyona, indlela yayo yokusho ukuthi, yiloko eyikona. Yalithatha kanjalo lelo gama. Ngokuvumelana naye, walithanda.”

Eminye yemikhiqizo yeVery Tsonga 

Njengoba ekhuliswe emndenini onosomabhizinisi abakhuthele, uhambo lukaNksz uMashudu lwaqala esemncane. Uthi abazali bakhe babenespaza, indawo yokudlela neshibhi. La mabhizinisi ayeyindawo yokuhlanganisa umphakathi futhi wafunda kuwona ukubawusomabhizinisi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/29/izintombi-zamazulu-zihlangene-ngewayini-elishelelayo/

“Amabhizinisi asekhaya angifundise ukuthi ibhizinisi lingaphezu kwenzuzo. Limayelana nabantu, isiko nokuxhumana,” kusho uNksz uMfomande.

Amanye amawayini eVery Tsonga 

Uthi ukuqala ibhizinisi bekungelula kodwa uma ebuka emuva, uyabona ukuthi kwakufanele adlule ebunzimeni. “Ngangicabanga ukuthi abantu abangaziyo bazongiseka kodwa ukubona ukuthi akwenzeki loko, kwangiphatha kabi, ngaqhubeka noma kunjalo,” kukhumbula yena. 

I-Very Tsonga isiqashe izisebenzi eziyisikhombisa athi zizinikele futhi zisiza ukwenza umbono wakhe womkhiqizo uphile. Ngokubambisana basabalalisa imikhiqizo yeVery Tsonga ezindaweni zokudlela ezimbalwa eTzaneen namaphethelo futhi bayakwazi ikuyithumela ezweni lonke.

Ugcizelele ukuthi kubalulekile ukubanothando njengesisekelo. “Uma ukwazi ukuhambisa uthando lwakho, yilapho ibhizinisi lakho nemali yakho kulele khona. Kulula ukwakhela kokuthandayo kunokuziphoqa ukuthi uthande okwakhayo,” kucebisa uNksz uMfomande.

Unesifiso sokuzakhela ifemu azokhiqiza kuyo nokubanepulazi azotshala kulona izitshalo eziletha ukunambithela okuhlukile kwe-gin yakhe futhi abe negumbi lokunambitha eliheha izivakashi eLimpopo.

“Kuzoba yindawo lapho abantu bezozwa khona isiko lamaTsonga ngokugcwele kusuka emhlabeni kuya ebhodleleni. Ngifuna abantu banganambithi nje isiphuzo kodwa bezwe nendaba ehambisana naso,” kusho yena.

Facebook: Very Tsonga Movement

Tiktok: Very Tsonga

Instagram: @verytsonga_beverages

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page