Uma yehla imalimboleko kuzokwehla umthwalo emahlombe abantu – izazi
YINTATHELI YOMBELE
UKWEHLA kwesikali samandla emali sisuka phakathi kwango-3% kuya ku-6% kusho ukuthi iBhange lomBuso lizokwenza isimemezelo ngemalimboleko ngoLwesine ngaphansi kwemigomo emisha.
Sisho kanje isazi somnotho saseCitadel Investment Services uMnu uMaarten Ackerman ngesikhathi sibuzwa ukuthi kuzokwenzekani ngoLwesine.
“Ukushintsha kwesikali samandla emali ayiswe ku-3% kusho ukuthi iBhange lomBuso alisekho ngaphansi kwengcindezi yesikali samandla emali esiphezulu. Njengoba sesiphansi kusho ukuthi lizokwazi ukwehlisa imalimboleko.
“Uma liyehlisa imalimboleko kusho ukuthi imindeni eminingi empofu izokwazi ukuphefumula ngoba ngeke isampintshwa yizikweletu. Izokwazi ukwenza ezinye izidingo ngemali ekade iyisebenzisela ukukhokhela izikweletu,” kusho yena.
Okwamanje imalimboleko iwu-7% bese kuthi i-prime lending rate ibewu-10.5%. Uthe iBhange lomBuso kufanele libheke okuhle okwenzeka ezweni, abale kukona ukuthi inhlangano eklelisa amazwe ngokomnotho iStandard & Poors iklelise iNingizimu Afrika kuBB, iyisusa esikalini esiwuBB-.
Nesazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sisho okufanayo nokuka-Ackerman. Sithe kuningi okuhle okwenzeka ezweni njengokukleliswa kwezwe kuBB, okusho ukuthi izwe selibukeka liyindawo enomnotho okhulayo.
UDumisa uthe iStandard and Poors ikususela ekutheni umnotho waseNingizimu usuzokhula ngaphezu kwango-1%, uhulumeni uyazikhandla ekwehleseni isikweletu sezwe futhi nogesi obucima njalo awusacimi nhlobo. Inkampani ephehla ugesi i-Eskom yenze inzuzo kulo nyaka wezimali, okukhombisa abatshalimali ukuthi iNingizimu Afrika yenza izinto ngendlela efanele.
Isikhulu esiphezulu sePam Golding Property uDkt Andrew Golding sithe imboni edayisa izindlu ilindele ukuthi iBhange lomBuso lehlise imalimboleko ukuze izohlomula.
Wenze isibonelo sokuthi uma abantu bengasasindwa yizikweletu, imali abasala nayo bafuna ukwenza izinto ezibonakalayo njengokuthenga izindlu nokutshala embonini yezakhiwo.
I-Congress of South African Trade Unions inxuse iBhange lomBuso ukuthi liyeke ukuqinisa isandla kodwa lehlise imalimboleko ukuze abantu baseNingizimu Afrika bezokwehlelwa yizindleko.
Ithe izisebenzi ziyadinga ukuthi kwehliswe imalimboleko ukuze zizobanoKhisimusi omnandi.

