Abalimi babhanana babhekene nesihlava iBanana Bunchy Top Virus. Isithombe: Sithunyelwe

Isifo iBanana Bunchy Top Virus  sibeke abalimi nemisebenzi engcupheni

WUZANELE SONGO

UKUTSHALA ubhanana akulona nje ibhizinisi oGwini oluseNingizimu KwaZulu-Natali, kuyisisekelo sendlela abantu abaziphilisa ngayo ezindaweni zasemakhaya nokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwenele. Nokho manje le mboni isibhekene nenye yezinselelo ezinkulu esike yahlangabezana nazo, okuyisifo esihlasela izitshalo i-Banana Bunchy Top Virus (iBBTV), isifo abalimi nongoti abaxwayisa ngokuthi singalimaza umkhiqizo uma singanqandwa. 

I-BBTV isabalala uma kutheleleke izinto ezisetshenziswa uma kutshalwa nezinambuzane bese kunqinda ukukhula kwezitshalo kwehlise nesivuno mawala. Ngokusho kombiko we- International Plant Protection Convention (i-IPPC), iBBTV yaqala ukubonakala eNingizimu Afrika ngoJuni wango-2015 epulazini elingaseHibberdene, elinye lamadolobha amancane eKZN. 

Yabonakala ngesikhathi omunye umlimi ehlola izitshalo, wase eseqaphela ukuthi izitshalo zitshengisa izimpawu zeBBTV. Kwathathwa amanye amahlamvu ayohlolwa. Nangempela kwaqinisekiswa ukuthi analeli gciwane. Leli pulazi lahlukaniswa kwamanye futhi kwakhishwa umyalelo wokushisa konke okwakuthelelekile ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/09/amatele-amise-kabi-imboni-yabadayisi-basemgwaqweni/ 

Abalimi abaningi ababhekene nalesi sifo, ukutheleleka kwesitshalo kubeka engcupheni ipulazi lonke, imali engenayo nemisebenzi. 

Imenenja yepulazi likabhanana iKwaNyuswa Agricultural Farm eRamsgate uMnu uPhephelo Ngubane uthi: “Sithwele kanzima ngempela ngenxa yalesi sifo, siyasiqabuka. Sisibonile kulo nyaka futhi sesiwubikelile umNyango wezoLimo futhi sizama ngako konke ukusiqeda nokusilawula ngoba sinomphumela omkhulu ezitshalweni zethu.” 

Ipulazi likaNgubane linamakhasimende awu-15, okutshengisa ukuthi umphumela walesi sifo ngeke nje uphelele kuleli pulazi. 

“Sicela umnyango usihlenzeke ngamathuluzi afanele, amakhemikhali nezindlela zokulwa nalesi sifo. Usuku nosuku kuqhubeka isikhathi, sisengozini yokulahlekelwa ngezinye izitshalo nokuthinta umkhiqizo wethu ngqo,” kusho yena. 

Ezinye izisebenzi nabanye abakhiqizi bakhathazekile njengoNgubane. UMnu uRowy Nxumalo osebenza epulazini iRoseland, eKZN, unxuse umnyango ukuthi usukume. 

“Sidinga basheshe basizwe abalimi abatshalela ukudayisa njengathi. Siyabhebhetheka isifo futhi  ngaphandle kwamathuluzi afanele nolwazi lokusicathulisa, amapulazi ethu nemiphakathi ethembela kuyona isengozini enkulu,” kusho yena. 

“Sidinga amakhemikhali ngokushesha ukubulala lesi sifo namathuluzi afanele okusebenza njengamabhala nokunye ukugada izitshalo ezithintekile. Ngaphandle kwezinsizakusebenza, iBBTV izoqhubeka ibhebhetheke, okuzobeka ipulazi lethu, abasidayiselayo nemisebenzi yethu engcupheni,” kuqhuba uNxumalo.

Iphini likangqongqoshe wezoLimo uNks uNokuzola Capa uyivumile ingozi yeBBTV, wathembisa ukuseka abalimi. 

“Siyazazi izinselelo ezilethwa yiBBTV kubakhiqizi bakabhanana ezweni lonke. Umnyango uzibophezele ekusebenzisaneni nabalimi ukubacathulisa nokuqinisekisa ukuthi bayazithola izinsizakusebenza ezizosiza ukunqanda lesi sifo,” kusho yena. 

• Lolu daba luqale lwashicilelwa yi: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page