Inhloko yeBusiness Development oPhikweni oluxhasa amabhizinisi amancane eFNB uNks uPalesa Mabasa ithi ziningi izindlela zokunciphisa ingcindezi kosomabhizinisi abancane. Isithombe: Sithunyelwe

Osomabhizinisi abancane abangafeli phakathi – umeluleki

YINTATHELI YOMBELE 

NJALO ngonyaka umnotho waseNingizimu Afrika ulahlekelwa wuR250 billion ngenxa yamahora awu-452 million abantu abangasebenzi ngenxa yokhwantalala nezinye izifo ezithinta umphefumulo. 

Loku kuvele embikweni wezempilo oshicilelwe kule nyanga, oveze nokuthi loku kuholela ekutheni abantu abawu-253 bazame ukuzibulala njalo ngosuku.  

Yize wonke umuntu engabhekana nezimo ezikhandla umphefumulo kodwa abazisebenzayo basengozini enkulu yalokhu, ikakhulu uma kukhona abantu abaqashile ngenxa yomthwalo wokubheka izimpilo eziningi. Kodwa ngisho besebenza bodwa, babhekene namakhasimende nemindeni yabo. Babhekana nezinkinga zesikhathi, imali futhi imvamisa abanabantu abangaxoxa nabo ngobunzima bokukhokha imiholo nyanga zonke nenye ingcindezi ababhekana nayo. 

Ngakho yini abangayenza? Inhloko yeBusiness Development oPhikweni oluXhasa amaBhizinisi amaNcane eFNB uNks uPalesa Mabasa uthe: “Ngenhlanhla ziningi izinto ezingenziwa ngosomabhizinisi ukuphungula umthwalo ababhekana nawo okungabhebhezela izinkinga zomphefumulo.”

“Okokuqala wukwazi ukuthi okwenzeka emzimbeni kuxhumana kanjani nokwenzeka emphefumulweni bese unciphisa noma ugweme izinto eziholela ekuguleni. Lezi zingafaka utshwala, ukungalali kahle nokungawunyakazisi umzimba. 

“Okwesibili, thola izindlela zokunciphisa izinto ezikudlela isikhathi, nongakwazi ukuzenza ngobuchwepheshe ukuze ubenesikhathi sokwenza ezinye izinto, uphumule futhi unakekele umzimba,” kululeka yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/14/amathuba-avuleka-echina-ayithuba-elihle-lohwebo-kwasafufusa-ase-afrika/ 

UNks uMabasa uthe kumqoka nokusungula ibhizinisi elingezukudinga ukuthi uhlale ulinaka, nathi kwenzeka uma ibhizinisi selikhula njengoba ecebisa ukuthi kubalulekile ukuqasha abantu obathembayo ukuthi bazokusiza uphumelele ngaphandle kokuloku ukhathazeka. 

 “Okwesine, khuluma nabantu. Thola abanye osomabhizinisi ongaxoxisana nabo, okungenzeka ukuthi nabo babhekene nesimo esifanayo futhi uxoxisane nabeluleki bemali. Ukukwazi ukukhuluma ngento nakho kuyawuphungula umthwalo.” 

UNks uMabasa ugcizelele ukuthi akufanele umuntu azibheke kuphela ngokwenzeka ebhizinisini lakhe futhi akhumbule ukuthi kukhona izinsuku lapho izinto zizohamba kahle kanti kukhona izinsuku lapho izinto zingeke zihambe kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page