I-G20 izovula amathuba – imibono yabantu
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA kokubuthana kwabaholi bamazwe omhlaba nabatshalimali eNingizimu Afrika engqungqutheleni yeG20 ebiseNasrec, eGoli, eGauteng, Umbele uxoxe nabantu ukuzwa ukuthi isho ukuthini kubona.
UNksz uBuyi Dlamini waseDududu, oGwini oluseNingizimu yaKwaZulu-Natali, uthe iG20 ibalulekile kakhulu ngoba inika iNingizimu Afrika ithuba lokukhuluma ngokwenzeka emnothweni wayo.
“Ngengqungquthela yeG20, sithola ukuhlangana namanye amazwe, sizwe nokuthi abatshalimali bazoyifaka kanjani imali ezweni lethu. Abaholi babuye baxoxe ngokuphatha emazweni abo futhi bafuna ukwandisa namakolishi aqeqesha ngamakhono nokunye okuningi. Nokho okuthenjisiwe akwenzeki ngokushesha ngokwanele ukusiza abafundi abangazitholi izikhala njengamanje.”
UNksz uHappy Makhanya waseBluff, eThekwini, osanda kuthweswa iziqu, uthi uzizwa enethemba nokudumala.
“Le mihlangano emikhulu izwakala imihle kwithelevishini, ukutshala imali, ukubambisana, izigidi ezinkulu ekukhulunywa ngazo kodwa asikuzwa loko. Ukuhlupheka kwethu kuyafana nsuku zonke. Asiziboni lezo zinqumo emiphakathini yethu, kuyaxoxwa nje.”
UMnu uSandile Langa waseMgungundlovu, uthe: “Minyaka yonke (abaholi) bakhuluma ngokudala amathuba emisebenzi azosiza intsha kodwa sisahleli emakhaya ngaphandle kokuxhaswa noma izikhala. Uma iG20 ingasiza ukusheshisa izinguquko kwezemfundo, mhlawumbe kuzosho okuthile. Siyathemba ukuthi kukhona amathuba amasha azovuleka.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/25/isivumelwano-seg20-sibeke-eqhulwini-izikweletu-zamazwe-nokuguquguquka-kwesimo-sezulu/
UNksz uTholakele Shinga waseGoli, eGauteng, uthe le ngqungquthela ibiyisikhumbuzo ngendawo yeNingizimu Afrika emhlabeni. “Loku kukhombisa ukuthi izwe lethu libalulekile. Engilindele ukukubona wukuthi uhulumeni uzozilandela yini iziphakamiso ezenziwe. Izinqumo akufanele ziphelele engqungqutheleni. Kufanele zifinyelele kubantu basemakhaya, emalokishini nakuyo yonke indawo.”
UMnu uJabulani Nsele waseMzinto, oGwini oluseNingizimu yeKZN, nonebhizinisi elincane lokufaka ama-tiles uthe ubenethemba elikhulu.
“I-G20 iyinkundla enkulu. Itshela umhlaba wonke ukuthi iNingizimu Afrika ivulekele amabhizinisi. Uma uhulumeni engasebenzisa leli thuba futhi alungise isimo samabhizinisi, sizohlomula sonke, kudaleke imisebenzi, kukhule umnotho nayo yonke into,” kusho yena.
UNksz uBongeka Mbhele wase-Escort, maphakathi neKZN, uthe ubukele ingqungquthela esekhaya futhi ubeqala ukuzwa ngayo.
“Ngiwumuntu ohlala ekhaya, ngakho ngifuna nje umnotho ukhule, amanani okudla nezinye izidingo aphansi nokuthula ezweni lethu. Uma iG20 ingasiza ukuqinisa irandi noma ukwehlisa izindleko zokuphila, kusho ukuthi sizobe sizuzile ngokuba khona kwayo.”

