Unentshisekelo yokusiza abantu ababishe ezikweletini
WU-AFHULUFHEDZEAHO OLGA MULAUDZI
NGEMVA kokubhajwa ezikweletini esemncane, owesifazane wasePitoli wabona ukuthi baningi kangakanani abantu abaswele ulwazi ngokuphatha imali, wase enquma ukusungula ibhizinisi elisiza abantu bakwazi ukuphatha imali baphume otakwini lwezikweleti abantu.
UNks uPaulvia Shiburi wasungula iPS Debt Management ngo-2018 ukusiza abantu ukuthi bagqashule emaketangweni ezikweletu. Le nkampani enekomkhulu ePitoli iluleka abantu ngezikweletu, izeluleko zokuphatha imali nokufundisa ngokuphatha imali.
Le nkampani ibhaliswe kwiNational Credit Regulator futhi iyilungu leDebt Counsellors Association of South Africa.
“Ngithanda ukuthi abantu baqonde ukuthi ukubanezikweletu akusho ukuphela kwezinto. Ngokuthola izeluleko ezifanele, ukuhlela nokwesekwa wonke umuntu angaphucula isimo sakhe sezimali, alungise impilo yakhe,” kusho yena.
Njengoba ewumuntu wesifazane emkhakheni wezimali, uNks uShiburi usebenze ngokuzikhandla ukuze azibonakalise. Uthi: “Enye yezinselelo ezinkulu wukukhombisa ukuthi ngiyawazi umsebenzi ngokomsebenzi.”
Enye yezinto anothando lwazo wukusiza abantu besifazane bakwazi ukuphatha imali yabo. “Iphutha elenziwa ngabantu besifazane abaningi wukungabinezinjongo ngemali. Ngihlale ngithi indoda ayilona uhlelo lwemali. Abantu besifazane kufanele baziphathele izimali zabo. Uma unezinhlelo ezicacile kubalula ukwenza izinqumo eziphusile ngemali yakho,” kusho uNks uShiburi.
Kwezinye izinto ezenziwa yiPS Debt Management wukukhuthaza abantu besifazane ukuthi baphucule igama labo lokukweleta ngokukhokha ngesikhathi nokungeqiwa yisikhathi sokukhokha.
Uthi: “Ukubanegama elihle lokukweleta kukunika amathuba amaningi nenkululeko.” Kubantu besifazane abanamabhizinisi nabanezikweletu, uNks uShiburi ubeluleka ngokuthi banakisise imali engenayo nephumayo, bandise imali engenayo.
“Akuzona zonke izikweletu ezingalungile. Ezinye izikweletu, njengesikweletu sokufunda, zingakusiza ukuthi ukhule. Okumqoka yindlela oziphethe ngayo,” kusho yena.
Iseluleko sakhe sithi abantu besifazane kufanele balinde bazebabone kahle ukuthi izinto zihamba kanjani. “Qala. Sebenzisa onako ukwakhela phezu kwako. Akudingeki ukuthi ubenezimpendulo. Okubalulekile wukuqala uhambo. Ukukhula neqholo kufika ngendlela,” kusho uNks uShiburi.
UNks uShiburi ukholwa wukuthi abantu besifazane abaningi bayaphuza ukusukuma ngoba basuke bezizwa bengakalungi noma besindwa yisimo sabo sezimali. Ubagqugquzela ukuthi bathathe igxathu lokuqala, ngisho lilincane kangakanani, bakholwe wukuthi izinto zizokwenzeka.
• Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

