IHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele likweletwa uR1,3 billion
YINTATHELI YOMBELE
NAKUBA iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele lingakhokhisi kakhulu ngokucwaninga amabhuku omasipala, akahulumeni wezwe, owezifundazwe nezinkampani zIkahulumeni kodwa kuvela ukuthi likweletwa uR1,338 billion.
“Imali ebesiyikweletwa ngokucwaninga amabhuku ibingaphezulu kwangoR1,338bn mhlaka-31 wangoMashi walo nyaka, isuka kwewuR1,165bn ebesikweletwa wona ngoMashi wonyaka odlule. Kule mali omasipala bakweleta uR518m wokucwaningelwa amabhuku, inyukile le mali isuka kuR488m ebikuwona ngoMashi wangonyaka odlule. Omasipala bawu-38% wesikweletu sethu,” kusho umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke.
Nakuba bekweletwa kodwa uthe bakwazile ukungenisa uR330m owengeziwe ngokuphucula izinga lomsebenzi wabo ngaso sonke isikhathi. Le mali izosetshenza uma sebetshala imali ezinhlelweni zangomuso.
Ubalule ukuthi bake basebenzisane nezinkampani ezizimele eziwu-100 ezicwaninga amabhuku njengoba bezikhokhele uR629m. Kuzona kukhona ezabantu besifazane ezikhokhelwe uR141m nezabamnyama ezihlomule uR464m.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/29/umcwaningimabhuku-usole-izimeya-nosomlomo-ngokungaphathi-kahle-izimali-komasipala/
“Ukusebenzisana kwethu nezinkampani zabacwaningimabhuku ezizimele, ikakhulu ezabantu besifazane nezabantu abamnyama, kuyasiza ukuthi sizifake emnothweni wabacwaningimabhuku. Kuyasiza ngokwandisa amakhono, amava nokuletha uguquko kule mboni,” kusho yena.
Okunye okuhle okwenzile yileli hhovisi wukuthola indondo i-Top Employer kulo nyaka nokuthi amathwasa ayo awu-317 aphase i-assessment of professional competence eyenziwa abantu abafuna ukuthola igunya lokusebenza babengama-chartered accountant.
Uthi ihhovisi lakhe likufeze konke futhi lenze kahle kakhulu ezintweni ebelizibekele zona kulo nyaka. Uthi bazifeze ngo-90% nangaphezulu izinhloso zabo zalo nyaka njengoba kuyibona abaqinisekisa ukuthi uhulumeni nezinkampani zawo bayaziphendulela ngokusebenza kwemali yomphakathi.
Phakathi kwabakufezile wukucwaninga amabhuku kuhulumeni awu-983 kuhulumeni wezwe, owesifundazwe nowasekhaya kulo nyaka wezimali akade bewucwaninga.
Bakwazile ukuphucula izinga lomsebenzi ngokubheka konke okwenzeka komasipala abakhulu, eminyangweni yokuhlalisa abantu, eyezempilo nebheke ingqalasizinda. Abacwaningiwe batshelwe ukuthi balungise kuphi ukuze imali izokwazi ukusebenza kahle isikhathi eside.
“Izincomo zethu ziyawenza umehluko uma zisetshenziswa kahle. Sikhona ukuseka izikhungo nohulumeni wonkana ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi imali isebenza kahle kulo hulumeni wesikhombisa obalulekile emsebenzini wethu,” kusho yena.
Uthe bayalandelela ukuthi izincomo zabo ziyasebenza ukuze izimali ziphathwe kahle futhi kujeziswe abantu abangenzi kahle ukugwema ukuchitheka kwemali.
Uphethe ngokuthi eminyakeni ezayo bafuna ukuphucula izinga lomsebenzi, elobuchwepheshe ababusebenzisayo namakhono izisebenzi.

