INingizimu Afrika isizobanomxazululi wezinkinga zezimpesheni omusha
YINTATHELI YOMBELE
UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana umemezele ukuthi useqoke uMnu uLebogang Mogashoa ukuthi abe wumXazululi weziNkinga zeMpesheni kusukela mhlaka-8 wangoDisemba.
UMogashoa uqokwe ngaphansi kwesigaba 30C(1) se-Pension Funds Act yango-1956. Inkontileka yakhe kuzoba ngeyeminyaka emithathu.
Ungena esikhundleni ebesiphethwe wuNksz uMuvhango Lukhaimane, obese ebewumXazululi weziNkinga zemPesheni iminyaka ewu-12.
UGodongwana uthe umxazululi wezinkinga zempesheni ubalulekile ngoba usiza abantu uma benezinkinga zezimpesheni ngaphandle kokukhokha. Loku kuvikela amalungelo abo futhi kuqinisekisa ukuthi imboni yempesheni isebenza kahle futhi iyaziphendulela uma ingenzanga kahle.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/13/akulungile-ukubamba-impesheni-yomuntu-obekwe-icala-wumqashi-umxazululi/
Esitatimendeni uMogashoa uchazwe njengomuntu onamava eminyaka engaphezu kwewu-17 embonini yomthetho wezimpesheni, ukusebenza nokuphatha. Usephathe izikhundla ezihlukene ezikhwameni zempesheni kwazise uke waba yi-deputy principal executive officer ne-company secretary ye-Eskom Pension and Provident Fund. Ngaphambi kwaloko wayeyi-senior corporate legal counsel yePension Fund MANCO yeSouth African Tourism Board.
Waqala ukusebenza eyithwasa eHhovisi lomXazululi weziNkinga zeMpesheni, nokwaholela ekutheni agcine eseyi-senior assistant adjudicator. Uwummeli wasemajajini, uneziqu i-Bachelor of Laws zase-University of Limpopo, i-Master of Management in Governance and Management yase-University of Witwatersrand ne-Master of Laws in Mercantile Law yase-University of Pretoria wenza i-Executive Development Programme e-University of Stellenbosch.
UGodongwana uthe uMogashoa uwumholi onobuchule, ikakhulu uma kuza emacaleni athinta izindaba zempesheni futhi uyakuthanda ukusiza abantu baseNingizimu Afrika, okwenza umfanele umsebenzi wokubawumxazululi wezinkinga zempesheni.
Ube esemfisela okuhle emsebenzini wakhe wabonga uNksz uLukhaimane ngeqhaza lakhe nokuqinisekisa ukuthi iHhovisi lomXazululi weziNdaba zemPesheni liyaphumelela.

