UmXazululi weziNkinga zemPesheni uNksz uMuvhango Lukhaimane uthi zinyukile izikhalo zempesheni kulo nyaka. Izithombe: Zithunyelwe

Kusekhona abangaqondi ngokunyula imali yempesheni 

WUBONISWA MOHALE 

NAKUBA izikhwama zempesheni zenze imikhankaso yokuchazela abantu ngokunyula ebhodweni imali yempesheni kodwa iphini lomXazululi weziNkinga zeMpesheni uMnu uNaheem Essop lithi kusenabantu abangaqondi kahle. 

U-Essop usho kanje emva kokuthola izikhalo kubantu akade bethi izikhwama zempesheni azibavumeli ukuthi banyule imali abayithandayo kuzona. 

“Umthetho we-two pot retirement system uqale ukusebenza ngoSepthemba wonyaka odlule. Abantu bavunyelwe ukunyula imali esukela kuR2 000 kuya phezulu kodwa ingadluli emalini esuke igcinwe esikhwameni sokonga njengoba izikhwama zempesheni sezihlukaniswe amabhodwe amabili. Elokuqala umuntu uyakwazi ukunyula kulo kanti elesibili umuntu akanyuli nhlobo njengoba kufanele ongele umhlalaphansi,” kusho yena. 

Uthe abanye abantu abaqondi ukuthi imali abayinyula esikhwameni sempesheni ingancipha uma bekweleta iSouth African Revenue Service futhi abayizwa kahle eyokuthi bavunyelwe ukunyula imali abasuke benayo esikhwameni kodwa akufanele idlule emalini esesikhwameni sabo sokunyula. 

“Abantu banyula imali yabo yempesheni ngenxa yokuthi banezindleko eziningi. Kufanele bakhumbule ukuthi le mali yenzelwe ukubasiza uma kunezimo eziphuthumayo ababhekene nazo. Izikhalo esizitholile ngezabantu akade bengawuqondi kahle umthetho. 

“Omunye ubenganeme ukuthi unqatshelwe ukunyula imali yempesheni kabili onyakeni owodwa. Loku kuphambene nomthetho ngoba ukubeka kucace ukuthi umuntu kufanele anyule kanye ngonyaka,” kusho u-Essop. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/07/sekunyulwe-imali-yempesheni-elinganiselwa-kur60-billion-isars/

Isikhalo sesibili umuntu ubekhala ngokuthi akavunyelwe ukuthola imali eyongelwe umhlalaphansi. U-Essop uthe umthetho uyacacisa ukuthi imali eyongelwa umhlalaphansi ayikhishwa uma umuntu ebhekene nezimo ezinzima kodwa uyithola uma esefike eminyakeni yokuthatha umhlalaphansi. 

U-Essop uthi ijoka likubantu ukuthi baqonde izinto uma benyula

Uthe izikhwama zempesheni ebezimangalelwe kula macala amabili ziyilandelile imithetho yempesheni, ngakho bazithole zingenawo amacala. 

Ugqugquzele abantu ukuthi bafundisise imithetho yokunyula impesheni, bangajahi nje ukunyula ebhodweni ngaphandle kokuqonda okulindeleke kubona. 

Khonamanjalo, umXazululi weziNkinga zemPesheni uNksz uMuvhango Lukhaimane uthe bathole izikhalo eziwu-10 331 kulo nyaka, bakwazi ukuxazulula eziwu-10 100. Loku kusho ukuthi izikhalo abazitholile zinyuke ngo-13% uma ziqhathaniswa neziwu-9 177 abazithole ngonyaka odlule.  

Ezikhalweni ezingenile eziwu-239 bekungeze-two pot retirement system eziqale ukungena ngoSepthemba wangonyaka odlule kuze kwabawuMashi walo nyaka. 

UNksz uLukhaimane uzwakalise ukukhathazeka ngesikhwama sempesheni yonogada iPrivate Security Sector Provident Fund (iPSSPF), akhale ngokuthi asinayo imithetho eqinile. 

“Sithole ukuthi onogada abaningi abayitholi imali yabo yempesheni, yize ibanjwa emholweni wayo. Abaqashi bayayibamba emholweni kodwa abayifaki kwiPSSPF. 

“Uma sekutholakele ukuthi umqashi uphula umthetho, iPSSPF ayizithathi izinyathelo eziqinile zokuqinisekisa ukuthi umqashi ophula umthetho uyajeza. Loku kuyasikhathaza futhi sifuna kushintshe,” kusho yena. 

Uthe unethemba lokuthi izinto zizoshintsha njengoba umthethosivivinyo i-Conduct of Financial Institutions Bill uzosebenza maduze ukuze izinhlangano ezilawula abantu abasebenza ngemali zizobanamandla okulungisa okonakele. 

UNksz uLukhaimane uyagcina ukuba wumXazululi weziNkinga zemPesheni ekupheleni kwenyanga emva kweminyaka ewu-12.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page