Osomabhizinisi baseThekwini abebekhangisa kwiGlobal Entrepreneurship Festival e-Accra, eGhana, nemenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele (wesithathu kwesokudla). Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini usize amabhizinisi ukuyokhangisa eGhana 

YINTATHELI KAMASIPALA

UKUQINISEKISA ukuthi osomabhizinisi baseThekwini bathola izimakethe zokudayisa imikhiqizo yabo, uMasipala waseThekwini usanda kubahambisa embukisweni wosomabhizinisi iGlobal Entrepreneurship Festival (iGEF) eLa Palm Beach Hotel e-Accra, eGhana. 

Lo mbukiso ophele ngoNovemba 23 ubunendikimba ethi AI-Powered Entrepreneur: Creating a Sustainable Planet, okusho ukuthi usomabhizinisi osebenzisa ubuchwepheshe obasamuntu ukwenza umhlaba onekusasa. 

Kulo mbukiso bekunabantu abangaphezu kuka-10 000 basemazweni angaphezu kwawu-70 futhi ubukelwe yizigidi zabantu ngoba usabalaliswa ngobuchwepheshe. 

Bangaphezu kuka-100 abakhangisa umsebenzi wabo okubalwa namabhizinisi awu-10 amancane aseThekwini akade exhaswe wuMasipala waseThekwini neTrade and Investment KwaZulu-Natal. 

Labo somabhizinisi bazokwazi ukuthola izimakethe ezintsha abazodayisa imikhiqizo yabo kuzona nabanye abangahwebelana nabo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/06/ithuba-lokukhangisa-embukisweni-inorth-regional-durban-business-fair/

Kosomabhizinisi abaningi iGEF ibeyithuba abalidingayo elibavulele okuningi. Umsunguli weGreen Everything Recycling, inkampani eyenza ifenisha ngemfucuza, uNks uNolwazi Thusi ujabulele ukudayisa imikhiqizo yakhe kwamanye amazwe kulo mbukiso. 

Uwuchaze njengendawo efanele yokuxhumana nosomabhizinisi abafuna ukwenza umehluko emhlabeni njengaye. 

Umsikingqephu weMangala Kreationz uNksz uLusanda Linqe uthe uzuze lukhulu ngokuxhumana nabanye osomabhizinisi. 

Okumthokozisile wukudayisa imikhiqizo yakhe, ukuthola izindawo ezintsha azothenga izinsizakusebenza kuzo, okubalwa izindwangu ezinhle zaseGhana ezizobeka imisiko yakhe kwelinye izinga.

Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele ithe ikuthakasele ukuzuza amakhasimende akwamanye amazwe okwenziwe wosombhizinisi baleli dolobha. 

UMbhele ubahalalisele ngokusebenzisa lo mbukiso ngendlela efanele nokwakha ubudlelwano nezinkampani zakwamanye amazwe. 

Ethula inkulumo ngokubaluleka kokwenza izinto ngendlela entsha, ugcizelele ukuthi eThekwini banezinhlelo ezihlukene zosomabhizinisi futhi basebenzisana namanye amazwe ukuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi baleli dolobha bavelele.

Uncome ukuhleleka kweGEF nokuthi ihambisana nezinhlelo zokusimamisa i-Afrika. Uveze nokuthi bafisa lo mbukiso uze eThekwini ngoba uxhumanisa amazwe ase-Afrika futhi ugqugquzele nokusebenzisana ukuze kukhule umnotho waleli zwekazi. 

Ubalule nokubaluleka kokusebenzisana kwamazwe ase-Afrika ukukhulisa amabhizinisi amancane, wathi kubalulekile ukubavulela izimakethe ezintsha ukuze kungasali muntu emnothweni. 

I-GEF yalo nyaka ibingewona nje umbukiso wamabhizinisi kodwa ibihambisana nezinhlelo zokunakekela umhlaba zeNhlangano yeziZwe ama-UN Sustainable Development Goals nohlelo lwe-African Union i-Agenda 2063

Iqhakambise ubuchwepheshe obusamuntu ngokuletha uguquko nokushintsha indlela yokuhweba. 

Kukhangiswe ngamarobhothi, kwanemibukiso yemfashini nezithangami zokucobelelana ngolwazi nokunye okuthinta uhwebo.

Osomabhizinisi baseThekwini babuyenomfutho nobudlelwano okuzobasiza ukukhulisa amabhizinisi abo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page