UMnu uSilas Nchabeleng, umsunguli weSuit Up Life, yaseCenturion, eGauteng, eyenza amasudi kaNokusho. Izithombe: Zithunyelwe

Igeza lasePitoli lihlanganisa ukotini ongachaza ngisho amaNtaliyane

WULANGA KHANYILE

BHASOBHA Hugo Boss. Bhasobha Tom Ford. Igeza lasePitoli lifike qathatha kwezemfashini ngemiswenko kaNokusho edida abathandi bezingubo zekhethelo abathanda iBoss badideke okonwabu ludidwa yimibala ehlukene.

UMnu uSilas Nchabeleng, umsinzi wokuzimilela e-Atteridgville, ePitoli, eGauteng, uwumsunguli weSuit Up Life, enesitolo samasudi ekhethelo, ezinye izingubo zokugqoka nezicathulo okwenziwa ngesandla indwangu nesikhumba kwaNokusho esiseCenturion, eGauteng. Ineminyaka eyishumi yasungulwa.

Nakuba iSuit Up Life igxile kumasudi kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi sebengeze ezinye izimpahla zokugqoka. Sekukhona amashethi, ama-golf shirt, izingubo eziyi-linen, amajazi, izingubo zabantu besifazane izicathulo, amateki, amabhande nezikhwama.

Amanye amasudi kaNokusho eSuit Up Life

“Izicathulo zethu zidwetshwa eNingizimu Afrika kodwa zenziwa eSpain. Sizithunga ngesandla. Sizenza ngobuchwepheshe i-3D, lapho ubona khona izinguquko esizenzayo bukhoma kule nkundla yobuchwepheshe,” kusho yena.

UNchabeleng, oyiwele nodadewabo, uthi basebenzisa indwangu yekhethelo kuphela kanti baziqhayisa ngesineke uma bethunga. “Amanani ethu aya ngohlobo lwendwangu nezingayo layo, ukuthi eyokuqala, ephakathi nendawo kuye kwebizayo. Isibonelo nje i-two-piece yohlobo lwendwangu yokuqala iwuR9 000, igcine kuR50 000 eyindwangu ebizayo,”

Akumangalisi ukuthi phakathi kwabantu abagqokiswa yiSuit Up Life kubalwa uswenka owungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, uTumi Sole, izikhulu zesifazane zaseHhovisi likaMengameli, nephini lomqondisi-jikelele we-Infrastructure South Africa (uNks uMameetse Masemola) nekhasimende laseSaudi Arabia. 

“Ngiwumuntu onqenayo ukusho amagama abantu esibagqokisayo. Isizathu wukuthi lonke ikhasimende elingena esitolo sethu libalulekile. Noma ngabe uthenga ngoR500, ubalulekile kithina. Uma ngingasho elilodwa nje, ngo-2013 sathola ithuba lokuyokhangisa eNew York, eHarlem, lapho ngethulwa kumlingisi nosopolitiki waseMelika uHill Harper, wodumo lwe-The Good Doctor,” kusho yena. 

I-Suit Up Life isiyenza nezimpahla zabantu besifazane

UNchabeleng, onezicucu ze-bookkeeping zaseBoston Business School neze-Venture and Entrepreneurship zaseWits Business School, wake wawumshayeli waseNetflorist, lapho athi “ngafunda khona ikhono lokuxoxisana nabantu”, wasebenzela elinye lamabhange amakhulu ophikweni i-Risk Card Division. Uthi waqale wasebenza ukuze abeke imali yebhizinisini.

Ngabe ugqozi lwebhizinisi lomswenko liqhamuka kuphi? “Indlela umuntu abukeka ngayo yinto ebalulekile kakhulu ekhaya kubazali bami. Ngisanda kuxoxela abangani bami ihlaya elithi ubaba unamasudi amaningi kunami. Ngifunde kuyena amasu okugqoka nokuhlanganisa imibala,” kusho uNchabeng echachambile ebusweni.

Ukuswenka akugcini ngoyise. Nonina akathintwa. “Umama yindlovukazi yami. Muhle futhi ubashaya bonke ekhanda ngokuswenka. Uma engimema ukuthi ngimkhaphe ukuya emcimbini, ngiyabikelwe ngoba ngiyazi ukuthi kufanele ngikhiphe unyawo ngokuswenka.”

I-Suit Up Life isiyenza nezicathulo

UNchabeleng wake wayinxusa lePerone, eyayingaphansi kweHouse of Monatic inezimpahla zeCarducci neC Squared kanti wake wadla umhlanganiso we-Destiny Man ngo-2011. Ngemva kwaloku wahlaba ikhefu emsebenzini, waya eHong Kong ukuyobuka ukuthi ukotini uhlanganiswa kanjani. “Amasonto amabili wonke ngangibuka izinto, ngifunda ngendwangu nokuthunga. Emva kwaloko, ngabona ukuthi wubizo lwami, uNkulunkulu ungibizele lapha.”

Uthi ukuthunga isudi kungathatha amahora amathathu kodwa futhi kuyazithatha izinsuku ezinhlanu kuya kweziyisikhombisa. “Ngeke uyijahe into engenasici,” kusho uNchabeleng.

Wonke lo msebenzi  okushiya ukhexile wenzinwa yithimba  labantu abayisishiyagalombili uma kubalwa noNchabeleng.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/04/14/ubizo-lwakhe-lusekuhlengeni-impilo-yentsha-ngezemidlalo-kepha-usezakhele-igama-ngokuhlanganisa-ukotini-uxoxe-nolanga-khanyile/ 

Phakathi kwezinto esezike zenzeka eSuit Life eminyakeni eyishumi kusukela yasungulwa, uNchabeleng uthi ayikho edlula ukuthi ibhizinisi lineminyaka eyishumi limile. “Wukuhlanganisa iminyaka eyishumi. Ngibonga uNkulunkulu angiphezi ngaloko. Zinining izinselelo esidlule kuzona. Kodwa lezo zinselelo esihlangane nazo zizenezifundo. Ziningi izikhathi ngicishe ngiyeka, ziningi kodwa uthando nentshisekelo kungenze ngabambelela.”

Uthi ayikho into ebuhlungu njengamakhasimende angakhokhi ngesikhathi. “Eish, ikhasimende elicela impahla bese lingakhokhi ngesikhathi… Ukungakhokhi ngesikhathi kukhinyabeza ibhizinisi.”

Unaso yini iseluleko kwabafisa ukungena ebhizinisini? Uthi yebo. “Funda konke ongakufunda ngomkhakha wakho. Uma ukwazi ukuvolontiya, volontiya ukuze ufunde. Iya esikoleni, thola iziqu, sebenza bese uqala ukongela ibhizinisi ofuna ukungena kulona. Zethembe, uthembe loko okuphathiswe wuNkulunkulu,” kucebisa uNchabeleng. 

Uthi unezinto eziningi “eziwumsangano” (ezinkulu) abafisa ukuzenza ukuqeda ububha, ukuhlomisa umphakathi, ukudala umsebenzi nokwenza izinto ngobuchwepheshe ukudala imisebenzi kubantu bakithi. “Singasungula kalula imisebenzi ewu-100 ukwenza amasudi kuphela.”

Lithini elakhe lokugcina? “Yima siqala. Asikenzi lutho. Sineminyaka eyishumi sikhona kodwa kuningi okusezayo eminyakeni eyishumi ezayo. Ngakha iHugo Boss yaseNingizimu Afrika, ngakha iTom Ford.”

Facebook: Suit Up Life

Instagram: suit_up_life

X: SuitUpLife

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page