UNksz uMandisa Gwexa, umsunguli weMandisa Nailed it, yaKwaNdengezi, eThekwini, KwaZulu-Natali, ongomunye wosomabhizinisi abancane abahlomule ngendawo yokuhweba kuMasipala waseThekwini. Isithombe: Sithunyelwe

Izindawo zokuhweba ziletha ithemba entsheni ebingasebenzi 

WUNONDUDUZO NGCONGO 

IMPILO kaNksz yentokazi encane yaseMariannhill, entshonalanga yaseThekwini, iwubufakazi bokuthi amathuba nokuzimisela kungayiguqula impilo yomuntu. 

UNksz uMandisa Gwexa, oneminyaka ewu-26, ubehleli ekhaya engasebenzi, yize eneziqu ze-Environmental Management ngaphambi kokuguqula isimo sakhe njengoba namhlanje esewusomabhizinisi owina izindondo futhi owumqashi.

Ngemva kokungawutholi umsebenzi noma esephuma enkampanini ezimele, lapho ayethole khona ithuba lokufundela umsebenzi, uthathe isinqumo sokuzisungulela owakhe ngemva kokubona isikhangiso sikaMasipala waseThekwini sezindawo zokuhweba.

“Ngibone ukuthi ukungawutholi kwami umsebenzi akusho ukuthi sekuphelile ngami, kepha ngikuthathe njengesiqalo esisha,” kusho yena.

Ngo-2021 uNksz uGwexa wasungula inkampani yakhe, iMandisa Nailed It, indawo yokuzicwala yaKwaNdengezi.

Uhambo lwakhe luguquke ngendlela emangalisayo ngenkathi ethola indawo yokuhwebela ngohlelo lokusimamisa umnotho wabahwebi lukamasipala ngemva kokufaka isicelo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/23/umasipala-wasethekwini-nezinhlelo-ezinqala-zokusimamisa-umnotho-wabamatafula/

UNksz uGwexa uncome umasipala kakhulu ngokuqhubeka nokufundisa amabhizinisi amancane ngokuthobela imithetho, ukuthola ukuxhaswa nokuthola amanye amathuba okuqeqeshwa. “Umasipala awusiniki indawo nje kuphela, uyasihlomisa ukuze siphumelele,” kwengeza yena.

IMandisa Nailed It isiphenduke yaba yisizinda somphakathi. UNksz uGwexa uqashe abantu abayisishiyagalombili, okubalwa abayisithupha abaqashwe ngokuphelele nababili abayitoho. Useqeqeshe abantu abawu-40 abasafufusa emkhakheni wokwenza izinzipho, iningi labo eseliziqalele amabhizinisi alo.

Usanda kuthola umklomelo i-Youth Owned Business Award emcimbini ohlelwa wumasipala i-eThekwini Municipality Informal Trade Awards wango-2025.

“Ukuthola lo mklomelo kuphinde kwasimamisa ibhizinisi lami kakhulu futhi kungibonise ukuthi ukusebenza kanzima kunomvuzo. Ngithanda ukukhuthaza abanye abantu abasha ukuthi bangawayeki amathuba akhishwa wuhulumeni uma evela,” kucebisa uNksz uGwexa.

Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHlela uMnu uThembo Ntuli uthe izindaba ezifana nolukaNksz uGwexa zikhombisa ukubaluleka kokuthuthukisa umnotho wabahwebi namabhizinisi amancane.

“Uma amabhizinisi amancane ethuthuka, nemiphakathi iyathuthuka, yingakho sizoqhubeka nokuseka amabhizinisi amancane,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page