Uthaka imikhiqizo yesikhumba ngemfihlo elele kwimpepho
WUTHOBILE ZWANE
NGENKATHI kubheduka i-COVID-19 ngo-2020, intokazi yaseMpumalanga Kapa yayizihlalele kubo inesizungu futhi ingazi ukuthi izokwenzani. Yafikelwa wumqondo wokuncibilikisa ikhandlela elinephunga le-cinnamon, okwashintsha isimo salo.
Lowo mzuzu watshala umbono webhizinisi owashintsha impilo yayo.Yafikelwa wumqondo wokukhiqiza izinto zokugcoba ezihlanganiswe ngempepho.
Uthi ukhule ehlushwa izinkinga eziningi zesikhumba, enesikhumba esinamafutha, izinduna namabala amnyama. Ngemva kokuya kudokotela, wathola ukuthi une-Polycystic Ovary Syndrome, isifo esihlasela abesifazane abaseminyakeni yokuya esikhathini. Siye sibenze bangayi kahle esikhathini, sibakhuluphalise ngokweqile futhi abanye senza kube nzima ukuthi bakhulelwe.
“Esikhundleni sokuyeka ucwaningo ngabanentshisekelo ejulile ngokwelapha kwemvelo, ngaqala ukufunda ukuthi ngingasizakala kanjani ngezitshalo zaseNingizimu Afrika. Ngifunde ukuthi impepho inamandla okuqeda ukuvuvuka futhi iyaphilisa. Isiza ezibazini, izinduna, amanxeba nezinye izinkinga zesikhumba,” kusho uNksz uDotwana.
UNksz uNamhla Dotwana wakuTsolo, oneminyaka ewu-33, wasungula Namhla Collection, eyenza imikhiqizo yokugcoba isikhumba ethakwe nempepho. Njengoba neziqu i-Bachelor of Arts in Media Studies ne-Diploma in Public Relations zase-University of South Africa, uzifundise ngokwenza ucwaningo.
“Ngazibuza ukuthi kungani singenawo amakhandlela empepho? Ngokwesiko lase-Afrika impepho ishiswa ngenhloso yokuthandaza, ukulapha nokuxhumana namadlozi, ivamise ukubaseduze kwekhandlela. Ngazibuza ukuthi kungani ngingakuhlanganisi kokubili?
“Lo mbono waqhubeka ngaze ngenza ucwaningo ngokwenza amakhandlela futhi ngafunda kabanzi ngezitshalo eziwumsinsi eNingizimu Afrika,” kukhumbula yena.
Inhloso yakhe wukuphakamisa nokubuyisela izitshalo zaseNingizimu Afrika ezazinganakwa, ikakhulu impepho embonini yezobuhle yesimanje. Ufuna ukubuyisa isithunzi sazo, aqhakambise amagugu ase-Afrika futhi aseke umphakathi wendawo.
Amanani emikhiqizo yakhe aqala kuR69 kuya kuR1 799 kuya ngokuthi ufuna muphi.

Uthe eqala ukuvula ibhizinisi lakhe wayesebenzela egaraji likanina futhi waqhubeka nokusebenzela khona. Uthe lomsebenzi akazifundelanga kodwa okuningi uzifundise yena ngokungena kwi-internet, waqala ukwenza insipho, ukunakekela izinwele, amakhandlela, imikhiqizo yokugeza nokunye.
Okwamanje usenomuntu omsizayo uma edinga izandla kodwa okwamanje usasebenza yedwa ngokugcwele. Unesifiso sokuqasha abanye abantu uma umsebenzi ususimeme.
Uthi umkhiqizo wakhe uyakhula kancane kancane futhi usethole imiklomelo eminingana, abale kuyo i-Nedbank SimplyBiz Award ngo-2021, waphuma phambili kwi-Small Enterprise Development Agency Pitch-for-Fund Competition ngo-2022, wathola i-Outstanding Innovator Award kaMasipala waseMhlontlo ngo-2023.
UNksz uDotwana ukholwa wukuthi wonke usomabhizinisi kufanele aqale nganako, akhule kancane kancane. Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Qala kancane ngoba nombono owubona ungabalulekile ungabayibhizinisi eliphumelelayo. Sebenzisa okuseduze nawe, bheka umphakathi wangakini, amakhono akho nezinsiza zakho ngoba loku kungavula iminyango. Yibanesineke futhi uzithembe. Ibhizinisi liwuhambo, hhayi umjaho.”
Uphethe ngokuthi kufanele uhlale embonweni wakho ngoba kubalula ukudlula ezinkingeni uma ibhizinisi likuwena futhi lihambisana nombono wakho. Uthi uma ungawuthembi umbono wakho, akekho ozowuthemba.
Ufisa ukusebenzisana nabanye abantu bangakubo ukudlulisela ikhono lakhe lokukhiqiza kubantu abasha.
“Umkhiqizo wami usufuneka ezindaweni eziningi, ngidinga ukuqeqesha umuntu engimthembayo ukuze akwazi ukwenza imikhiqizo esezingeni eliphezulu njengekhiqizwa yimina. Ngaleyo ndlela ngizobe ngidlulisela amakhono futhi ngifeza nesifiso sami sokuvulela abanye amathuba emisebenzi.”
Instagram: @namhlacollectiontm

