Imali engaphezu kukahhafu eyenziwa ngabanikazi bamaloli baseNingizimu Afrika iphelela kwizinsizakusebenza. Isithombe: Sithunyelwe

Abanikazi bamaloli abayiboni inzuzo ngenxa yezindleko – ingqapheli

YINTATHELI YOMBELE

IDINGA izisombululo ezintsha imboni yamaloli ukuze yenze inzuzo njengoba kuvele ukuthi u-55% wemali eyenziwa ngabanikazi bawo iya kwizinsizakusebenza.

Lezi zindaba zivezwe yi-managing executive for Specialised Lending Products e-Absa Business Banking uMnu uBanie Claasen. 

Uthe amaloli yiwona athutha izimpahla ezihamba emigwaqweni yaseNingizimu Afrika ziya ezindaweni ezihlukene kuleli zwe nangaphandle, kwazise iNingizimu Afrika inemigwaqo okuhambeka kuyo ngaphandle kwezihibe ibanga eliwu-750 000km

U-Claasen uthe amaloli ahambisa u-80% wazo zonke izimpahla ezidingeka ezimbonini ezihlukene zezwe.

Okubuhlungu wukuthi yize amaloli ematasa kangaka kodwa u-55% wemali ayenzayo uphelela kwizinsizakusebenza.

“Imboni yamaloli isebenzisa imali eningi ithenga udizili, ithenga izinsimbi zawo nokunye ukuze ahlale ehamba kahle. Ukunyuka kakhulu nokwehla kancane kukadizili kuyayidla inzuzo okufanele yenziwe ngabanikazi bamaloli,” kusho uClaasen. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/11/ithela-izithelo-imizamo-yokunciphisa-isinyokotho-samaloli/

Uthi kufanele le mboni ibheke izisombululo ezizoyingenisela inzuzo njengokuqinisekisa ukuthi amaloli angenisa imali ngekhilomitha alihambayo futhi kusetshenziswe ubuchwepheshe ukuqinisekisa ukuthi amaloli ahamba emizileni esheshayo, kube yilobu buchwephethe obusebetshenziselwa ukuwalawula. 

“Enye inkinga esiyibonile enciphisa inzuzo yabanikazi bamaloli wukuthi umzila ophakathi kwaseThekwini naseGoli ugcwele kakhulu amaloli, okusho ukuthi lawo asebenza kulo mzila athola imali encane. Kubuye kubenzima kubanikazi bamaloli ukuwagcina esebenza ngoba kudla imali eningi, imiholo yabasebenzi nayo idla inzuzo, izindleko zomshwalense nezama-toll gate,” kusho yena. 

U-Classen uthi umzila ophakathi kwaseThekwini naseGoli usugcwele, okunciphisa inzuzo yabanikazi bamaloli

Uthe kubalulekile ukuthi abanikazi bamaloli bathenge amasha angadingi ukukhandwa njalo futhi anobuchwepheshe besimanje. 

“Ukuba namaloli esimanje kuyasiza ngoba ngeke adle imali ngokukhandwa njalo futhi anobuchwepheshe besimanje obusheshisa umsebenzi. E-Absa sinezinhlelo zokulekelela osomabhizinisi abathenga amaloli ezingeke zibasinde ngoba inzalo iphansi futhi sicathula nabo ekuphatheni umsebenzi ukuze amabhizinisi ezongenisa imali,” kucebisa uClassen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page