UNkz uBokang Lehloenya, umsunguli weWa Rona Food Enterprise, yaseThandanani, eWelkom, eFree State, eyenza amahewu. Izithombe: Zithunyelwe

Owaqala eziphekela iphalishi usedayisa amahewu ‘ethu’ ezitolo ezinkulu 

WUTHOBILE ZWANE

INDONI esencane yaseFree State eyayisaba ukubhuquza ekhaya emva kokuphothula iziqu zayo yaqala ibhizinisi ukulwa nokuntuleka kwemisebenzi. Yayingazi ukuthi ukugoqoza ibhodwe lephalishi kungashintsha impilo yayo. 

UNksz uBokang Lehloenya, waseThandanani, eWelkom, oneminyaka ewu-25, wasungula iWa Rona Food Enterprise, inkampani eyenza amahewu amabele ngo-2021 engenamali noma ifemu futhi engenahlelo olukhulu lwebhizinisi kodwa enokholo nje kuphela.

Wayenokuzimisela, ekhiqiza amabhodlela awu-20 amahewu eWa Rona Motoho Porridge Drink. Uthi waqala ngokudayisa amahewu ngokungena umuzi nomuzi ngakubo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/02/04/owayengusomahlaya-usekitaza-abantu-ngephalishi-elihlabahlosile-uxoxe-notebogo-mokwena/ 

Amahewu akhe enziwe “ngendlela yesintu” njengoba esebenzisa iresiphi yomndeni eyimfihlo, nokuyiyona emzuzele amakhasimende athanda umkhiqizo wakhe. Amakhasimende athanda ukunambitheka kwawo okumtoti, ngokungafani neminye imikhiqizo edayisayo.

Amahewu eWa Rona Food Enterprises enziwa ngendlela yesintu

Manje la mahewu asetholakala ezitolo, okubalwa kuzona iRoots Butchery, iWatloo Meat & Chicken nakubadayisi bendawo eWelkom. Ahloliwe ukuthi asezingeni, kwazise ngo-2023 uNksz uLehloenya uthi amasampula omkhiqizo wakhe aphumelela ukuhlolwa nokugunyazwa yiSouth African Bureau of Standards. 

Amahewu eWa Rona Food Enterprise emashalofini ezitolo

“Uhambo lwami lubeluhle kakhulu futhi loku kwabawumusa, lwashintsha kancane kancane njengoba into esiyikhonzile ekhaya, iphalishi lamabele, labayibhizinisi elisebenza ngokugcwele,” kusho yena.

Uthi ushintsho olukhulu lwenzeka ngesikhathi umNyango wezomNotho, ukuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane, ezokuVakasha neMvelo eFree State ungenelela ngosizo lwemali olwamenza wakwazi ukuthenga imoto yokuthutha. Uthi loku kwavula iminyango eminingi ngoba kwamtholela abanye abaxhasi.

Le ntokazi ithi ngesikhathi iphothula iziqu i-National Diploma in Language Practice and Media Studies eCentral University of Technology yayisaba ukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kungase kuzoyifica. Isafunda yonga ingxenye yemali exhasa izitshudeni iNational Student Financial Aid Scheme ukusungula ibhizinisi. Yenza loku ngoba ingafuni ukulinda umnyama ongenafu ngomsebenzi.

UNksz uLehloenya waqala ukuvubela amahewu ekhishini lakubo kanti uyise wayewumlandeli wakhe omkhulu kwazise wuyena owokuqala owawakhangisa. 

“Wonke umuntu owanambitha amahewu ami wangitshela ukuthi adlula wonke ake wawezwa, wangikhuthaza ukuthi ngiwadayise. Kwathi lapho ngibona ukuthi kungenzeka ngingawutholi umsebenzi ngemva kokuphothula ukufunda, ngagcina ngikwenzile ababengicebisa ngakho.”

Kusukela ngesikhathi sokuqala kancane manje usedlondlobele kakhulu. “Namuhla umsebenzi wami omncane wasekhaya usuqashe izisebenzi ezinhlanu futhi ukhiqiza amabhodlela awu-500 ngosuku, okungamabhodlela amaningi kakhulu kunawu-20 engaqala ngawo,” kusho yena ngokuziqhenya.

Eluleka abantu abafisa ukusungula ibhizinisi, uthi kufanle basebenze ngokuzikhandla ukuze banqobe ubunzima.

“Kudingeka ukuzimisela kumuntu osemusha, othweswe iziqu, ongasebenzi ukuze akhe okuthile okuvela ezeni. Ngiphuma endaweni entulayo kodwa ngifunde ukuthi ukubekezela kuyaphumelelisa,” kusho uNksz uLehloenya.

Isifiso sakhe ngeWa Rona Food Enterprises wukuthuthela endaweni yokusebenza enkulu maduze nokudayisa amahewu eWa Rona eNingizimu Afrika yonke nakwamanye amazwe. 

Facebook: Bokang Lehloenya

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page