Kuzocaca kusasa ukuthi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzozihlela kanjani izimali eminyakeni emithathu ezayo njengoba ezothula i-Medium-term Budget Policy Statement kusasa. Isithombe: Sithunyelwe

Uzoqhubeka nokubopha izifociya uhulumeni kwethulwa iSabelomali – ingqapheli

YINTATHELI YOMBELE 

NJENGOBA kusasa ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ethula iSabelomali saphakathi nonyaka i-Medium-term Budget Policy Statement,  kulindeleke ukuthi aqinisekise ukuthi uhulumeni uyaqhubeka nokonga imali yize kusenenkinga yesikweletu sezwe esikhulu. 

Sisho kanje isazi somnotho saseMomentum Investments uNkk uSanisha Packirisamy. Sithe uGodongwana kufanele aqinisekise ukuthi ubeka izidingo zezwe phambili yize ebhalansisa amaholo ezisebenzi zikahulumeni, izindleko zokukhokhela isikweletu nenhlalakahle yabantu, izinto ezidla imali kakhulu. 

Uthe ulindele ukuthi uGodongwana athule isabelomali esigxila eminyakeni emithathu i-Medium-term Budget Policy Statement engaphansi kwengcindezi ngoba nomnotho awukhuli kahle.

“Ukungakhuli kahle komnotho kusho ukuthi uhulumeni kufanele ubheke ukuthi abantu ubakhokhisa intela enkulu noma unciphisa imali yezinye izinhlelo. Zombili izinto okufanele zenziwe zinobungozi obuthile ekuhambiseni izidingo kubantu, ekuletheni inhlalakahle nasekuguquleni umnotho,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/izinto-azihlehliswanga-ngenxa-yombango-nge-vat-ugodongwana/

Uthe ulindele ukuthi uGodongwana athinte udaba lokwehlisa amandla emali esikalini esiphakathi kwango-3% no-6% okuhlongozwa yiBhange lomBuso nokuthi agqugquzele abatshalimali ukuthi bafake imali yabo emnothweni waseNingizimu Afrika njengoba izwe seliphumile ohlwini lwamazwe okulula ukushushumbisa imali kuwona. 

Ulindele nokuthi agxile ezinkampanini zikahulumeni nokuthi zizobanaliphi iqhaza ekukhuliseni umnotho kusukela kumqoqintela, eyengamele ukusabalalisa ugesi nokunye okuningi.

Okhulumela iCongress of South African Trade Unions ePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe balindele ukuzwa ukuthi uhulumeni usuwenze ziphi izinhlelo ukuqinisekisa ukuthi isimo sishintshile emva kokugwamandwa kwamandla ombuso. 

Okunye abakulindele wukuthi yini ezokwenziwa ukuqinisekisa ukuthi umnotho uyakhula, ukulwa nezinga eliphezulu lokungabibikho kwezisebenzi, inkohlakalo nokunciphisa izinga eliphezulu lokuhlupheka kubantu baseNingizimu Afrika. 

“Sifuna ukubuyelwa yithemba ukuthi uhulumeni usishintsha kanjani isimo komasipala ukuqinisekisa ukuthi izidingo zifinyelela kubantu. Sifuna ukwazi ukuthi kubekwe malini ukugcwalisa izikhala zomsebenzi ezikhona, okubalwa ezodokotela nezinye ezibalulekile ekuletheni impilo engcono kubantu baseNingizimu Afrika. 

“Kufanele sizwe ukuthi izinhlelo zokukhulisa umnotho nokudala imisebenzi zihamba kanjani ngoba akukuhle ukuthi siloku sinyuka isibalo sabantu abaswele imisebenzi,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page