Imboni yezolimo yaseNingizimu Afrika iyadlondlobala noma ikhona intela yezimpahla yaseMelika. Isithombe: Sithunyelwe

Nakuba kunonswinyo lweMelika, ezolimo zaseNingizimu Afrika zithela izithelo

WU-AFHULUFHEDZEAHO OLGA MULAUDZI

EZOLIMO ziyinsika yomnotho waseNingizimu Afrika ngokudala amathuba omsebenzi nokusimamisa imiphakathi yasezindaweni ezisemakhaya. Nakuba ziphazamisekile ngenxa yentela yaseMelika kweminye imikhiqizo kodwa zikhombisa ukusimama njengoba imikhiqizo idlondlobala.

Izingqapheli zithi lo mkhakha ukwazile ukubhekana nenselelo ekhona ngokuthola izimakethe ezintsha nokudala amathuba kubalimi basezweni nabadayisa imikhiqizo yabo emazweni aphesheya. 

I-Agriculture and Agro-processing Master Plan yenze le mboni yakwazi ukusimama ngokuhlinzeka abalimi ngamathuba okuqeqeshwa, ukuthola izimakethe nokutshala kwingqalasizinda. Isivuno sombila sisuke ku-34% saya ku-65%, isoya beans yasuka ku-72% yaya ku-80%, ukolweni usuke ku-17% waya ku-53%, izithelo ezivuthwa entwasahlobo zasuka ku-17% zaya ku-49%, amagrebhisi amhlophe asuke ku-25% aya ku-62%, utamatisi usuke ku-8% waya ku-94% eminyakeni emithathu edlule.

Intela yaseMelika ithinta imikhiqizo ethile, hhayi imboni yonke. Isikhulu esiphezulu seKAL Group, inkampani ehweba eJohannesburg Stock Exchange, uMnu uSean Walsh sithe: “Intela yaseMelika iyinselelo emikhiqizweni ethile kodwa yenza sibheke amathuba amasha.”

Uthe isimo sohwebo siyashintsha, njengoba kwanda imikhiqizo edayiswa e-Asia, e-Afrika naseYurophu. “Abakhiqizi bamakinati ama-macadamia babheke amathuba e-India, abezithelo zomndeni wama-orintshi eVietnam, abakotapheya eChina, eJaphani nase-India, abewayini lekhethelo sebedayisa ezimakethe ezise-Asia,” kusho yena.

Embonini yezithelo zomndeni wama-orintshi zaseNingizimu Afrika, ebinakwe kakhulu ngenxa yentela yaseMelika, izinto zihamba kahle. Zilinganiswa no-4% izithelo zomndeni wama-orintshi ezidayiswe eMelika ngo-2024, okungamakhathoni awu-6.58 million.

“Izimpahla eziningi zithuthwe ngaphambi kokuqala yaseMelika ewu-30. Silindele amakhathoni awu-180m awo-15kg ngo-2025, kusuka kwawu-164.6m ngo-2024,” kusho uWalsh.

Wengeze ngokuthi intela yaseMelika ingathinta uhwebo kakhulu ngo-2026 kodwa idale amathuba kwezinye izimakethe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/16/iningizimu-afrika-ifuna-ukuxoxa-notrump-ngentela-yezimpahla-ewu-30/

Usomnotho omkhulu e-Agbiz uMnu uWandile Sihlobo ufakazile ukuthi ukubheka amanye amathuba kuyasiza. “I-European Union yimakethe yesibili ngobukhulu kanti ihambise u-22% wemikhiqizo ezidayiswe phesheya ngo-2025. Izithelo zomndeni wama-orintshi, ama-aphula, amapheya, ukotapheya newayini kuhamba phambili. AmaMmelikana athenge izimpahla ezidayisa phesheya eziwu-7%,” kusho yena.

Ukubambisana ngaphansi kwe-African Continental Free Trade Area nezivumelwano ne-United Kingdom zisiza abalimi namabhizinisi amancane ukuthi bakhule Ingqalasiza nezokuthutha okungcono, izivumelwano zohwebo nezinqubo ezifaka wonke umuntu zinika amabhizinisi amancane naphakathi nendawo ithuba lokukhula, ukufinyelela ezimakethe nokwandisa umkhiqizo.

Ukuhlela kangcono, ukudayisa ezimakethe zaphesheya nokudayisa kwamanye amazwe kukhombisa ukuthi ezolimo zaseNingizimu Afrika ziyasimama. Intela yaseMelika kungabayinselelo kodwa akunqindi le mboni yezolimo ukuthi isimame. Njengoba anda amathuba okuhweba, kuphucuka ezokuthutha, le mboni izophokophela ukufinyelela kwezinye izimakethe zaphesheya eminyakeni ezayo, okuzohlomulisa abalimi abakhulu nabancane.

Lolu daba luqale lwashicilelwa kwi: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page