Amathuba avuleka eChina ayithuba elihle lohwebo kwasafufusa ase-Afrika
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA iminotho yase-Afrika ibheka izimakethe ezintsha phesheya, iChina International Import Expo (iCIIE) iwumgudu omuhle wokufinyelela kumakhasimende amaningi aphesheya.
Emabhizinisini asafufusa ase-Afrika ukufinyelela eChina kusho ukukhula nekusasa. Njengoba iChina ivele iwumlingani wohwebo omkhulu ne-Afrika, uhwebo phakathi kwala mazwe amabili lwafinyelela ku$295.6 billion ngo-2024.
Njengoba izimpahla ezivela eChina ziziningi kunezimpahla i-Afrika ezidayisa khona, iChina International Import Expo yango-2025 iyithuba elihle lokuthi izinkampani ezidayisa izimpahla phesheya zizikhangise kula makhasimende amqoka.
Okubaluleke kakhulu wukuthi, iChina isanda kumemezela ukuthi amazwe ase-Afrika (ngaphendle kwe-eSwatini) ngeke esakhokha ntela ngezimpahla ezingena eChina, okuyithuba lokuthi amabhizinisi ase-Afrika andise izimakethe zawo, anciphise ubungozi futhi akhe ubudlelwano obuqinile namakhasimende.
Isikhulu esiphezulu seBusiness and Commercial Banking eStandard Bank Group uMnu uBill Blackie, sithi: “Izigcawu ezinjengeiCIIE ziyithuba kumabhizinisi asafufusa ukuthi akhulise umsebenzi wawo. Njengoba siqhubeka nosiza amakhasimende ethu ukuthi athole abalingani abafanele, iStandard Bank ilekelela amabhizinisi ase-Afrika ukuthi akhangise ngezimpahla zawo futhi azibeke endaeni yokubamba iqhaza emnothweni wasemhlabeni jikelele.”

Ubudlelwano beStandard Bank ne-Industrial and Commercial Bank of China (i-ICBC) bubeka iStandard endaweni enhle yokuhweba nge-Renminbi, ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ase-Afrika akwazi ukukhokha nokwemukela inkokhelo nge-Renminbi uma ehweba namakhasimende awo aseChina.
Izinto ezisanda kwenzeka zikhombisa umphumela wendlela iStandard Bank eyenza izinto ngayo. Isibonelo nje-2024, ngokubambisana neWesgro, isikhungo sezokuvakashwa, uhwebo nokutshalimali saseNtshonalanga Kapa, abakhiqizi be-rooibos ababili bakwaze ukungena eChina ngeCIIE.
Laba bakhiqizi betiye ababili bakwaze ukuthola izinkontileka zezinkulungwane zamarandi ngokubasembukisweni, okuzophindeka kane eminyakeni emihlanu ezayo. Abadayisi bekhofi base-Uganda benze izivumelwano zezinkulungwane zamarandi nabathengi baseChina ngemva kokukhangisa imikhiqizo yabo eShanghai ngonyaka odlule.
I-Africa–China Trade Solutions yaseStandard Bank isiza ukuguqula amathuba abewuhwebo olubambekayo. Leli bhange lisiza amabhizinisi ngosizo lokuhweba, ukulawula ubungozi bemali yaphesheya, ukuqondanisa umdayisi nomthengi, izeluleko ngezitifiketi, okuncike ekusebenzisaneni ne-ICBC, ibhange elikhulu laseChina.
Kulo nyaka leli bhange liseka amakhasimende evile kwawu-20 eShanghai, agxile emikhiqizweni ehlukene yezolimo njengama-cashew nut, ama-shea nut, i-shea butter, iwayini, i-cassava, izimbali, ikhofi, inyama, izithelo ezihlukene, phakathi kwezinye izinto.
U-Blackie uthi: “Amakhasimende athakasela izimakethe ezihlukile nezibanzi zokufinyelela kumakhasimende amasha, imali yokwenza umsebenzi nokuphokophela. Ukukwazi ukuthola imali nezisombululo zobungozi emicimbini enjengeCIIE kusiza ukuvala igebe phakathi kokubona ithuba nokuthola umsebenzi.”
I-Standard Bank ikwazi ukusiza amabhizinisi asafufusa ase-Afrika athola uR100 billion ngokuhweba nawaseChina ngonyaka odlule, yathola uR33.6bn wengqalasizinda ukuvula amathuba okudayisa phesheya. Ngomgudu wohwebo lwe-Afrika neChina nobudlelwano ne-ICBC, ibhange lisize amakhasimende alo akwazi ukungena ezimakethe ezinesidingo esikhulu njengemikhiqizo yezolimo namandla kagesi avuselelekayo.
“Umoya wokuhweba we-Afrika uhlangene nokukwazi ukungena ezimakethe zaphesheya yizinto ezimqoka zokwenza ukuthi izwekazi liphumelele ngokwamandla alo. Ukuze impumelelo ye-Afrika iqhubeke, kumqoka ukuthi izwekazi libesezingxoxweni zokuhwebelana nabantu baphesheya,” kuphetha uBlackie.

