Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa ukuthakasele ukuzibophezela kwamazwe abekwiG20 kwiziphakamiso ezenziwe kule ngqungquthela ebiseNasrec, eGoli, eGauteng. Isithombe: Sithunyelwe

Isivumelwano seG20 sibeke eqhulwini izikweletu zamazwe nokuguquguquka kwesimo sezulu

WUBONISWA MOHALE 

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu nezikweletu ezikhula njalo zamazwe aneminotho emincane kuseqhulwini lwesivumelwano esisayinwe ngamazwe engqungqutheleni yeG20 ebiseNasrec, eGoli, eGauteng ngempelasonto. 

Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa uthe le ngqungquthela ebinendikimba ethi Solidarity, Equality, Sustainability, okusho ukuthwalisana, ukulingana nekusasa, ayishiyanga muntu ngaphandle.

Uthe inzalo ekhokhwa ngamazwe anomnotho ongasimeme yenza kubenzima ukuthi atshale imali kwingqalasizinda, ezempilo, ezemfundo nasezinhlelweni zokuvikela izakhamuzi esimweni sezulu esiguquguqukayo, abale kusona izikhukhula, ukushisa okudlulele, isomiso, imililo yequbula, ukuzamazama komhlaba nokunye. 

Isivumelwano sisayinwe ngosuku lokuqala lwengqungquthela, okuthathwe njengengqophamlando ngoba sivamise ukusayinwa ekupheleni kwengqungquthela. 

“Yize amazwe anezikweletu ebonakala ukuthi ayazama ukuzehlisa kodwa asabhekene nenkinga yokuthi ayikho imali etheni etshalwa kuwona futhi ayanele imali yokufeza izidingo zawo. Loku kusho ukuthi awakwazi ukuqeda igebe elikhulayo phakathi kwabantu abahluphekayo nabacebile,” kusho isivumelwano. 

Amazwe aneminotho esimeme athembise ukuthi azolekelela asathuthuka futhi afuna izinhlaka ezibolekisa ngemali ukuthi zibeke izinto obala uma ziboleka la mazwe. 

Isivumelwano sithe abaholi bamazwe eminotho esimeme bayakuseka ukuchibiyela uhlaka lwe-International Monetary Fund nolweWorld Bank olukhuluma ngesikweletu samazwe aneminotho esasimama. 

Kulindeleke lolu hlaka lusize ukwehlisa umthwalo emazweni asindwa yizikweletu zawo eziphezulu. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/15/izikweletu-zamazwe-nezinkinga-zomnotho-ziseqhulwini-kwig20/

Isitatimende sithe kubalulekile nokusiza amazwe angakwazi ukumelana nezinhlekelele ezibangwa wukuguquguquka kwesimo sezulu. Kugqugquzelwe amanye amazwe, izinhlangano ezibolekisa ngemali, amabhange nemboni ezimele ukuthi zilekele ekufakeni imali esikhwameni esengamele ukuguquguquka kwesimo sezulu. 

Mayelana nenselelo yokungalingani,  amazwe avumelane ngokuthi kufanele kulunge ingqalasizinda yokuletha ugesi kubantu abawu-1 billion e-Afrika, kwazise abawu-2 million bafa minyaka yonke ngenxa yokuthi basapheka ngezindlela ezingaphephile. Kudingidwe nenkinga yendlala. Amazwe athe kufanele isikunyelwe inkinga yabantu abawu-2.6bn emhlabeni abangakutholi ukudla okunomsoco. 

Osomabhizinisi bathembise ukufaka uR1.7bn ukulekelela amabhizinisi obuchwepheshe asafufusa ukudala imisebenzi nokusimamisa ubuchwepheshe base-Afrika.

Isivumelwano sisayinwe nakuba ibingekho iMelika kule ngqungquthela yamazwe omhlaba. 

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe kubekuhle ukuthi umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump angezi ngoba uwunontandakubukwa ohlale ekhuluma kabi ngeNingizimu Afrika futhi ofuna yonke into ibe ngaye. 

“Isivumelwano esenziwe ngamazwe eG20 sizosiza kakhulu lawo athwele kanzima ngenxa yezikweletu ezikhulayo. Kuhle ukuthi sibone abaholi abaningi bezimisele ngokuza nezixazululo ngoba miningi imihlangano ebiyenzeka kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika kudingidwa izihloko ezihlukene. Kufanele isivumelwano siphile, abaholi basebenzele ukuthi abavumelene ngako kwenzeke,” kusho yena.

Ukhale ngokuthi izinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho zibuyisela amazwe asasimama ngomnotho emuva ngoba yizona ezihlala zingafuni ukuwasusa endaweni ewenza abukeke kabi. 

Uphethe ngokuthi yize iNingizimu Afrika ize neziphakamiso ezizosiza wonke amazwe ase-Afrika kodwa ngebhadi abaholi bawo abayiseki, akufani naseYurophu lapho amazwe eyimbumba kodwa e-Afrika ixoxo nexoxo liyazigxumela.

Ungoti wezindaba zesimo zezulu waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali uSolwazi uTafadwanashe Mabhaudhi uthe siyathakaseleka isivumelwano esenziwe kwiG20 kodwa amazwe ake azibophezela kudala ukuthi azozanezinhlelo zokumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Emva kwaloko awenzanga okutheni ngenkinga yesimo sezulu. 

“Asifuni nje izinkulumo kodwa sifuna ukubona imali ethile ezolungisa ingqalasizinda ukuze imelane nokuguquguquka kwesimo sezulu. Sifuna ukubona kwakhiwa izindlu noma kuvuselelwa lezi ezikhona ukuze zingadiliki. Sifuna kuhlengwe impilo yabantu, amasimu nokunye okulimalayo. Sifuna ohulumeni basitshele ukuthi iG20 ibeke malini ukusiza abalimi abancane ukuvikela amasimu abo noma ukuwenza akwazi ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu,” kusho yena. 

Uthe inkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu ifuna kushintshwe nezindlela zokukhiqiza ezingcolisa umhlaba bese zibhebhethekisa ukuguquguquka kwesimo sezulu. 

Waphetha ngokuthi bonke abaholi kufanele basebenzisane ngoba le nkinga izoba yimbi uma kungekho okushintshayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page