Umfuyi wezinkukhu wakhela ngamaqubu osizi lokudilizwa
WUTHOBILE ZWANE
ISIZULU sithi ukuwa kwenye, wukuvuka kwenye. Kwabanjalo kowesifazane waseMpumalanga owasungula ibhizinisi ngemva kobunzima bokudilizwa emsebenzini wokubawunogada.
Ngemva kokudilizwa ngo-2018, uNksz uDinkie Mthembu wase-Unit 6, eMpumalanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, wasungula iDinkie Poultry, efuya izinkukhu nedayisa eziwu-600 njalo ngezikhathi ezihlukene zonyaka.
Uthi ngenkathi edilizwa kwabayisikhathi esinzima kuyena. Wayekhathazeke ngokuthi uzoziphilisa kanjani kodwa esikhundleni sokudikibala, wanquma ukuzama into entsha. Esebenzisa imali ayeyongile, wathenga amatshwele, ukudla nokwakha ihhoko lezinkukhu. Loko kwaba wukuqala kweDinkie Poultry, ayiqala ngamatshwele awu-50 ngo-2019.
Uthi inhloso yakhe kwakuwukwazi ukuziphilisa kodwa ngokusebenza kanzima nokuzinikela, umbono wakhe omncane wakhula wabayibhizinisi eseliphakela umphakathi wangakubo izinkukhu ezinempilo.
“Ukuphelelwa wumsebenzi kwakubuhlungu kodwa kwangiphoqa ukuthi ngizakhele okwami okuthile. Ukuqala kwakungelula, kwadingeka ukuthi ngifunde ukunakekela izinkukhu, ukuzigcina ziphilile nokuphatha imali yebhizinisi ngokuhlakanipha. Ngafunda emaphutheni ami futhi ngabangcono ngokuhamba kwesikhathi,” kukhumbula yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/23/umfuyi-wesifazane-utshiyoza-ngamandla-ukuxosha-indlala
I-Dinkie Poultry isisiza umphakathini ngokudala amathuba omsebenzi nokuqinisekisa ukuthi abantu banokudla okunempilo. Nakuba esazibambela mathupha umsebenzi kodwa ubiza umuntu omsizayo komakhelwane uma umsebenzi umningi.

Uthi amakhasimende akhe ayazi ukuthi angahlala elindele izinkukhu ezihlanzekile, ezinempilo nezintsha kuye. Ngenxa yokuthembeka kwakhe nokuphatha kahle amakhasimende, abantu bayatshelana ngezinkukhu zakhe. Namuhla, amakhasimende akhe amaningi asuke eyalelwe ngamanye.
Inselelo abhekana nayo wukwandisa isibalo samakhasimende akhe namanani okudla kwezinkukhu ahlale enyuka.
UNksz uMthembu uthe uhambo lwakhe lumfundise izinto ezimbalwa. “Ngifunde ukuqala ngaloko enginakho. Yiba nesineke, impumelelo ithatha isikhathi. Gcina izithembiso ozenzele zona, ukwenza kahle umsebenzi kukwakhela amakhasimende athembelekile, funda futhi ulalele amakhasimende. Khumbula wonke amaphutha anezifundo ezithile, izinselelo ziyingxenye yempumelelo,” kucebisa yena.
Eluleka umuntu ofisa ukuqala ibhizinisi uthe: “Qala, uma uzimisele futhi uma uzokwazi ukumelana nezingqinamba zebhizinisini ozohlangabezana nazo, ungaqala. Uma uzocabanga ukuthi uzoqale ube nemali eningi ngeke uqale ngoba imali ayibekeki ize ibeningi. Qala ngaloku onako,” kusho uNksz uMthembu.
Ufisa ibhizinisi lakhe likhule ukuze ngelinye ilanga akwazi ukuqasha abanye abantu abazokwazi ukuthi basizakale kulona.
Facebook: Dinky Poultry
X: @dinkieMthembu

