Othanda ukufukula umphakathi usenza ‘izicathulo zamaBhunu’
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yasePitoli eyashiya umsebenzi wokusiza osomabhizinisi abasafufusa isinebhizinisi elenza izicathulo ezishaya emaqakaleni ama-veldskoene.
UNkk uNobuntu Tintelo wasungula iVellies Ville ngo-2017, eyenza lezi zicathulo zesikhumba ezithandwa ngamaBhunu.
Uthi ngokusungula iVellies Ville wayengaqali ibhizinisi nje kodwa wayefuna ukuqonda kabanzi ngesikhumba wase esungula ibhizinisi lokushuka isikhumba. Namuhla lenza amabhuzu, izicathulo, izikhwama namabhande ngesikhumba sekhethelo.
“Inhloso bekungekona nje ukwenza imali kodwa bekuwukuletha umkhiqizo owenza umehluko empilweni yabantu futhi ohlala isikhathi eside. Izicathulo zethu ziqinile futhi yonke imikhiqizo yethu ibuyisa isithunzi kubantu, ibenza bahlonipheke futhi baziqhenye,” kusho yena.
Amanani ezicathulo aqala kuR449 kuya kuR2 000 kuya ngohlobo lwazo nokuthi ezezingane noma ezabantu abadala. Ayahlukana namanani ezikhwama namabhande.

Uthi igama elithi Villies Ville lisuka othandweni olujulile lokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokwenza izicathulo ngendlela yesintu awushabalali futhi ugujwa njalo. Wabona ukuthi lolu hlobo lwezicathulo zinomlando ochaza ngabantu, isiko nokuqina. Wabona nokuthi kunesidingo sezicathulo zekhethelo zesikhumba ezizoheha kumakhasimende athanda izinto zezimanje.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/22/inkinga-yamakhona-ezinyaweni-imnike-umqondo-wokwenza-izicathulo/
UNkk uTintelo, owusomabhizinisi ogxile ekufukuleni umphakathi, uthi basebenzisana nabaholi bomdabu ukuthola ukuthi badingani ezindaweni zabo bese bebalekelela ngalezo zidingo.
UNkk uTintelo, okholwa wukuthi ibhizinisi lisho ukuletha impilo engcono kubantu, usedlulisela ulwazi lwakhe lokwenza izicathulo kwabanye abantu. “Sidlulisela ulwazi esinalo lokusebenza ngesikhumba kwabanye abantu futhi siqeqeshe izithandani zaseMalangeni, eLusikisiki, eMpumalanga Kapa, ukwenza izicathulo zesikole.
“Inhloso wukusiza lezi zithandani ukuthi zikwazi ukuziphilisa futhi zilethe umkhiqizo wesikhumba oqinile endaweni yangakubo,” kusho yena.
Phakathi kwezinselelo asebeke bahlangabezana nazo ubale ukungabikhona kwemakethe yokudayisa umkhiqizo wabo. Nokho uthi babhekana nayo ngokuzikhangisa emibukisweni ehlukene emazweni ahlukene.
Ubale nokubheduka kwe-Covid-19 athi kwabaphazamisa kodwa ngosizo lweSmall Enterprise Development Agency bakwazi ukuvuka bazithathe ngo-2021.
Phakathi kwezinto esizizule iVillies Ville wukusimama ize ibenezisebenzi eziwu-50 eziqashwe ngokugcwele.
Bamandla ekuzikhangiseni emibukisweni. Uthi: “Sihamba sizikhangisa emibukisweni ehlukene kuleli zwe nangaphandle kwaseNingizimu Afrika, sisanda kuya ngisho eSwatini embukisweni futhi sizobe sikhona nasembukisweni weG20, lapho kuzobe kuhlangene khona abaholi abavela emhlabeni jikelele.”
Eluleka abantu abafisa ukuqala amabhizinisi uthe ababenesineke, bangajahi ukufika emazingeni aphezulu kodwa bazinike isikhathi sokukhulisa ibhizinisi.
“Zakhele ibhizinisi lakho ngokungajahi, uqonde kahle umsebenzi wakho. Zijwayeze ukuzwana noma ukuxhumana nabantu abakunika inselelo yokuthi ukhule,” kusho yena.
Ululeke abanye osomabhizinisi ngokuthi kubalulekile ukufunda nokusebenzisana nabanye abantu. “Zifundise ukubambisana nabanye abantu, ungasabi ukucela usizo. Akekho umuntu ophumelela eyedwa, amanye amathuba azokufica ngendlela,” kululeka uNkk uTintelo.
Instagram: @velliesunbrandedsa

