Kuqopheke umlando iTransnet isizikhiqizela amaguzu
WUBONISWA MOHALE
SIZOPHELA isiminyaminya esidalwa ngamaloli emigwaqweni yaseNingizimu Afrika njengoba iTransnet Engineering isizikhiqizela amaguzu eThekwini, KwaZulu-Natali.
Izolo usihlalo webhodi yeTransnet uDkt u-Andile Sangqu uthe bayakuthakasela ukuqedwa kweguzu lika-200 kumaguzu awu-240 ohlobo lweTraxx 23E afunekayo.
Uthe: “Namhlanje sihlangene lapha eThekwini ukuzojabula nezisebenzi zethu ezikhiqiza amaguzu adingekayo ngesikhathi. Sisebenzisana ne-Alstom, inkampani ezimele, ukwenza lo msebenzi omuhle kanjena. Ukusebenzisana kwethu nale nkampani kuqale ngo-2014 kanti sihlangabezane nezihibe eziningi, engingabala i-Covid-19 nezikhukhula kuzona.”
Uthe njengoba amaguzu akhiwa eThekwini kusho ukuthi ubuchwepheshe obusetshenziswa kuwona iTransnet iyakwazi ukubuthola njengoba i-Alstom idlulisela kubona amakhono nolwazi. Ngeke futhi bahlupheke noma kwenzeka kudingeka izinsimbi nokunye ngoba akhiqizwa ekhaya. EThekwini kukhiqizwa ikhanda leguzu, izinqola zikhiqizwa kwamanye amafemu eTransnet.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/28/imishini-kar3-4-billion-izophucula-izinga-lomsebenzi-etransnet/
USangqu ubalule ukuthi ngeke besasebenza ngamaguzu agugile ukuthutha amalahle, i-manganese, i-iron ore, i-chrome neminye imikhiqizo ethuthwa ngamaguzu. Uthe bahlela ukusebenzisa uR127 billion eminyakeni ezayo ukulungisa ingqalasinda eTransnet nokuqinisekisa ukuthi isebenza kahle.
Isikhulu esiphezulu eTransnet u-Adv uMichelle Phillips sithe izinhlelo zeTraxx 23E ziyingxenye yokusimamisa umsebenzi wabo nokuletha izinto ezintsha.
“Kubalulekile ukuthi sibe namaguzu amasha, angafi njalo ukuze sihambise izimpahla ngamaguzu ngesikhathi. Uma iTransnet isebenza umnotho waseNingizimu Afrika uyakhula. Sizokwazi ukuwaqeda wonke amaguzu adingekayo ngoJuni wonyaka ozayo,” kusho yena.
Isikhulu seTransnet Engineering eyakha nelungisa amaguzu uNkk uBessie Mabunda sithe ukusebenzisana kwabo ne-Alstom kudale amathuba emisebenzi awu-535.
Sithe la maguzu azosiza iTransnet Freight Rail ukuthutha izimpahla ezimayini nasemachwebeni ukusimamisa umnotho.
Imenenja yeTransnet Freight Rail uNks uQueen Nzimande ithe isiminyaminya samaloli sizophela emigwaqweni nasemachwebeni ngoba la maguzu amasha asebenza kahle.
“Ekuqaleni ubuthola ukuthi amaguzu ethu amadala afa njalo futhi izinsimbi zokuwalungisa zingatholakali kalula ngoba bezilandwa phesheya. Njengoba esenziwa lapha ekhaya ngeke kubeyinkinga uma kwenzeka kufa okuthile. Okuhle ngawo wukuthi asebenza kakhulu futhi anesivinini esiphezulu kuhle kwezitimela ezigibela abantu,” kusho yena.
Umqondisi we-Alstom eNingizimu Afrika uMnu uTristan le Masne uthe amaguzu abawakha neTransnet Engineering awumkhiqizo owenziwe eNingizimu Afrika abantu okufanele bazigqaje ngawo.
Uthe izinga lawo liphezulu kakhulu ngoba lingaqhathaniswa nelamaguzu aseChina, awase-India nawaseKhazakhstan, amazwe anamaguzu asezingeni eliphezulu.Uthi akwazi ukuhamba aze ahlanganise amakhilomitha awu-1 million afe kanye noma angafi nhlobo. Uphethe ngokuthi abasebenzi abawakhayo banamakhono okushisela, akagesi, awobuchwepheshe namanye adingeka emhlabeni jikelele.

