Phisana ngesipho sikaKhisimusi sangunaphakade, kubhala INTATHELI YOMBELE

KUHLE ukupha abantu obathandayo izipho zikaKhisimusi ezijwayelekile kodwa uke ucabange ukubapha amasheya, ama-EFT, ama-ETN noma ama-unit trust ukuze batshalelele ingomuso nesipho esingapheli?

KUSAZONYUKELA

SANIBONA bafundi boMbele onyakeni omusha u-2023. Kuyintokozo ukuthi siphinde sihlangane kulo nyaka njengoba sisazibophezele ukunethulela izindaba zomnotho, osomabhizinisi abancane, ezolimo nezobuchwepheshe ngesiZulu.  Unyaka odlule ungomunye weminyaka ebinzima emnothweni nakosomabhizinisi. Kuqonge … Read More

Uhulumeni usuphumele obala ngokuthi iNingizimu Afrika ingabalwa namazwe okulula ukushushumbisa imali kuwona. INTATHELI YOMBELE iyabika.

UHULUMENI uphasise imithetho emibili ukulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zamaphekula i-General Laws (Anti-Money Laundering and Combating Terrorism Financing) Amendment Bill ne-Protection of Constitutional Democracy Against Terrorist and Related Activities Amendment Bill.

NDLELANHLE MFOKAMOGAJANE

NGEMVA kweminyaka ewu-23 esebenza emNyangweni wezeziMali nemihlanu ewuphethe, uMnu uDondo Mogajane, usethi khumu. UMogajane, owumqondisi-jikelele emnyangweni, uyashiya ngoJuni. Ememezela lezi zindaba, uNgqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana uthe uMogajane ukhethe ukungayivuseleli inkontileka … Read More

I-Durban Car Terminal iphule irekhodi layo lonyaka ngokuphatha izimoto eseziqediwe ukwakhiwa ezingu-531 755 esikhathini esiyizinyanga eziwu-12 esiphele ngoMashi. Umkhiqizo oxubile wenze izibalo zezimoto ezingeniswe ezweni zibe wu-53% ezibalweni zonke okufaka kakhulu izimoto ezincane. Kube ngu-34% ezibalweni zonke kusuka ngonyaka odlule. Kusuka ngoSepthemba iDurban Car Terminal izophatha izimoto zakwaFord iRanger. Nezinhlobo ezihlukene zeChery neJAC zizokwenza ukuthi kunyuke umthamo wezimoto.

Bagcine begxila ebhizinisini lejusi yezithelo obesekuyisikhathi eside bezama ukuchuma kwezamabhizinisi kungalungi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAKHULE bengabangani baze banquma ukuqala ibhizinisi lokukhangisa imikhiqizo yasezitolo ngo-2013. Ukungachumi kahle kwalelo bhizinisi kwenze balishiya phansi baqhubeka neminye imisebenzi ukuziphilisa.

Ezolimo zibe wumpheme wokuphephela kwabebengawutholi umsebenzi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside izelamani zifuna umsebenzi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Bekuthi noma zizama ukuqala amabhizinisi ehlukene kungalungi. Kuze kwasiza ukuhlangana kwazo nomngani wazo wakudala eziqale ibhizinisi lezolimo naye.

Ukhuthazwe ‘yizinhlupheko’ zakhe ozibophezele ekuthuthukiseni ezempilo eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15.

IBHANGE loMbuso limemezele izinguquko ezikhundleni eziphethwe ngamaphini omphathi walo. UNksz uFundi Tshazibana useyisikhulu esiphezulu sophiko iPrudential Authority, isikhundla azosiphatha kuze kuphele inkontileka yakhe ngoJulayi wango-2024. UMnu uRashad Cassim uzobheka uphiko iFinancial Markets and International Cluster. UMnu uKuben Naidoo uzophatha iFinancial Stability and Currency Cluster. Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe lezi zinguquko zihambisana nendlela okwenziwa ngayo emhlabeni njengoba ethe kumqoka ukuthi amaphini akhe akwazi ukuyenza yonke imisebenzi.

IKHOMISHINI yokuNcintisana iphasise ukuthi iHIS Holding Limited ithenge ama-tower awu-5 713 kwiMTN SA. Lezi zinkampani sezizoba yizimbangi njengoba kukhona ama-tower engawadayisanga iMTN SA. Imibandela ebekwe yikhomishini ithi iMTN SA ayivumelekile ukudiliza eminyakeni emibili yokuqala idayisile futhi kumele ithuthukise amabhizinisi amancane ngoR60 million njalo ngonyaka kuze kuphele iminyaka ewu-10. I-IHS kumele ifinyelele kuLevel 4 weBBBEE ezinyangeni eziwu-18, kuthi eminyakeni ewu-4 ibe isikuLevel 1.

Sigxile ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi entsheni iSabelomali saKwaZulu-Natali. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

YIZE umnotho waKwaZulu-Natali ukhombisa izimpawu zokusimama ngokuphelele kodwa amathuba emisebenzi esifundazweni aphansi kakhulu. Isibalo sabantu abaqashiwe sehle ngo-5.1% ngekota yesithathu yango-2021. Intsha yiyona eshayeke kakhulu, njengoba isibalo sentsha engasebenzi siku-59.3%.

Uhola elinye lamahhovisi amqoka ekusebenzeni ukuze intando yabantu ithele izithelo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalo msebenzi nangokukhula kwakhe

ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda.

Abawuvali umlomo abasizwe wumncintiswano wenkampani enkulu ukukhulisa ibhizinisi labo. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

YIZE bengadlanga umhlanganiso ohlelweni lokucija osomabhizinisi ngolwazi lokuphatha nokusimamisa amabhizinisi abo oluhlelwa yiFood Lover’s Market kodwa bathi ukuba kulona kwenze umehluko omkhulu ebhizinisini lokukhiqiza i-sauce.

Ungene ngendlela engajwayelekile kwezamabhizinisi osenenkampani edayisa izikhwama naphesheya kwezilwandle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUFUNA ancame into ayeyidinga kwamnika umqondo wokusungula inkampani eyenza izikhwama eziyinguganaboya. Insizwa yaseRustenburg, eNorth West, yasungula ibhizinisi lezikhwama ngemva kokungasitholi isikhwama eyayisidinga.

Yiphupho nje elingeke lifezeke ukulawula intengo kaphethroli, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE uyabika

AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page