Yize amanani okudla eseqala ukwehla kodwa akashukela aloku egolozile. Izithombe: Zithunyelwe

Kuyathembisa ngokwehla kwamandla emali

WUSLINDILE KHANYILE

UKWEHLA kwamandla emali kuqhubekile nokuba ngcono ngoDisemba kwafinyelela ku-5.1% kusuka ku-5.5% ngoNovemba no-5.9% ngo-Okthoba.  

Izibalo ezintsha ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) ziveze ukuthi uma kubhekwa unyaka wonke, ukwehla kwamandla emali bekumi cishe ku-6%, okungaphansi kuka-6.9% wango-2022. 

“Ukwehla kwamandla emali bekuphezulu ezinyangeni ezinhlanu zokuqala zonyaka njengoba bekungaphezu kuka-6%. Kuthe ukuba ngcono ngezinyanga eziyisikhombisa ebesezisele. Inyanga obekuphezulu kakhulu ngayo wuMashi, lapho kufinyelele khona ku-7.1% kanti obekuphansi kakhulu ngayo wuJulayi, lapho kwakuwu-4.7%

“Izinto eziqede unyaka amanani engaphezu kuka-6.0% ngoDisemba wukudla neziphuzo ezingenatshwala (aku-8.5%), izindawo zokudla namahhotela (aku-7.0%) nezempilo (eziku-6.5%),” kusho iStats South Africa. 

Yize esaphezulu amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala uma emi ku-8.5% kodwa angcono kwayeyikona ngoNovemba, lapho ayemi khona ku-9.0%. 

I-Statistics South Africa ithe izinto ezehlile yisinkwa ne-cereal, amafutha, ushukela, uswidi noncamnce, amaveji netiye nekhofi.

“Isinkwa ne-cereal kwehle ngo-0.2% phakathi kukaNovemba noDisemba, okwenze ukuthi kwehle ngo-7.5% uma kubhekwa unyaka wonke. Impuphu yehle ngo-0.9% ngesikhathi esifanayo, impuphu ewu-2.5kg yehle isuka kuR37.04 yafinyelela kuR36.64 ngoDisemba.

“Amafutha aqhubekile nokwehla njengoba amanani awo enciphe ngo-1.6% phakathi kwangoNovemba noDisemba. Ibhodlela eliwu-750ml belibiza cishe uR35.82 ngoDisemba lisuka kuR37.47, elakhuphuka lafinyelela ngoFebhuwari noR45.33, elaliyiwona ngoJulayi wango-2022,” kusho iStatistics SA.

Yize ushukela, oswidi noncamnce kwehlile ngoDisemba kodwa amanani alezi zinto asaphezulu njengoba amanani kashukela eqhubeka nokunyuka. Ushukela omhlophe usubiza ngo-20.1% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule kanti onsundu usunyuke ngo-24.6% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.  

Ukudla okukhuphukile ngoDisemba yinyama, ubisi, amaqanda, ushizi, ufishi nezithelo.

Izibalo zeStatistics South Africa ziyahambisana nezePietemaritzburg Economic Justice & Dignity (iPMBEJD) ebheka amanani okudla ezitolo zokudla eziwu-47 nasemabhusha awu-32 aseGauteng, KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseNyakatho Kapa.

Izibalo zePMBEJD zihambisana nezeStatistics South Africa ngesimo samanani okudla 

Izibalo zePMBEJD zitshengise ukuthi ubaskidi wokudla ukhuphuke ngo-8.3% noma ngoR407.44 ngoJanuwari uma kuqhathaniswa noJanuwari wangonyaka odlule.  Uma kuqhathaniswa uDisemba noJanuwari, ukhuphuke ngoR86.66 noma ngo-1.7%.  

Ithe ukudla okunyuke ngaphezu kuka-5% kule nyanga irayisi, ushukela omhlophe, amazambane, u-curry powder, i-stock cube, isobho, utamatisi, ukherothi, ispinashi no-green pepper.

Okunye okuqashelwe yiStats SA wukuthi amanani ezokuthutha anyuke ngo-2.6% ngonyaka odlule, okungaphansi kakhulu kwango-13.9% wangoDisemba ngo-2022. 

Amanani asezindaweni zokudla nasemahhotela akhuphuke ngo-7% ngoDisemba, esuka ku-6.3% ngoNovemba. Amahhotela anyuke ngo-8.9% ngoDisemba, esuka ku-5.6% ngoNovemba.

  • Namhlanje kulindeleke ukuthi iBhange loMbuso limemezele isinqumo esisha ngemalimboleko

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page