Umuntu akenze into ebonakalayo uma enemali
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLuyanda Mlotshwa owaziwa ngelikaLuyanda EM, imbongi yodumo lwenkondlo ethi Lapha Kukwasidlodlo nethi Uhambeleni Ungashongo?
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2019, ngayivula eNedbank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali idinga ubuhlakani bokukwazi ukuyiphatha, ukuyibeka nokuyisebenzisa ngendlela efanele.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-2019 emcimbini engangimenywe ukunandisa kuwona ePlayhouse, ngahola uR3 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawunika umama ukuthi abone wenzani ngawo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngakhile ekhaya, ngathenga ifenisha kwagogo nasemzini kamama eThekwini ngenza okufunekayo futhi ngiyaqhubeka nokusiza ezidingweni zansuku zonke. Ngihlale ngiqikelela ukuphatha kahle ingane yami futhi ngenze nezincwadi zokushayela, konke loko ngemali yobuciko bami.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuhlela ukuthi ngizokwenza into ethile ngemali bese ngingabe ngisayenza uma sengithole imali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Engasithola kumama sokuthi angizijwayeze ukwenza into ebonakalayo uma nginemali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqhubeka nokulungisa ikhaya, ngiqale nebhizinisi lezindlu eziqashisayo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngokuthi abasebenzise imali ukukhulisa ubuciko babo futhi banganciki ebucikweni kuphela, ababe nezinye izindlela zokwenza imali.