UNkk uLondiwe Nala, omunye wabasunguli beNzimNala yaseHopewell, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, efuya izinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Bachunyiswa wukubuza indlela kwabaphambili

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

UTHANDO lokufuya nokulima yinto esegazini kuMnu uNtokozo noNkk uLondiwe Nala.

Ngokubona ukuthi indawo abebehlala kuyona eMbali, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, ayibavumeli ukufuya ngoba incane, bafudukele eHopewell, epulazini abafuya ngokukhululeka kulona.

Elandisa Umbele ngenkampani yabo, iNzimNala edayisa amankonyane nezinkomo, uNkk uNala uthe basizwe wuMnu uBongisenzo Nzimande, umakadebona kule mboni.

“Besihlala eMbali ngo-2021, sanquma ukusuka khona sayohlala eHopewell sesithole ipulazi elingamahekthare ayisishiyagalombili ngo-2022. Sifika kule ndawo sihlangane noNzimande, wasichushisa ngokumele sikwenze ukuze sichume kule mboni. Ibhizinisi lethu lihamba kahle ngenxa yakhe,” kusho yena.

Uthi yingakho benqume ukusebenzisa isiqalo sesibongo sakhe egameni lenkampani yabo ukumbonga ngabenzele kona nokuthi bavele basezinhlelweni zokumfaka ekuphatheni ibhizinisi.

UNkk uNala uthi ngaphambi kokuqala iNzimNala bazama amabhizinisi ehlukene njengelokuhlahlela inyama bayidase, elokuhlanza imizi yabantu nelokucwala izinwele. Bagcine bewamisa wonke sebegxila ekufuyeni. 

Basebenzise uR4 000 beqala iNzimNala bethenga amankonyane amathathu. Ngeshwa amabili afa, loko kwabafundisa ukuthi bazame iqhinga lokugwema ukuwa kwebhizinisi.

UNkk uNala ebheke imfuyo yeNzimNala

“Ngenxa yokuthi ngiwumuntu osebenzisa izinkundla zokuxhumana kakhulu, ikakhulu iTikTok, ngashutha amankonyane, ngafaka izithombe zawo khona ngitshela abantu ukuthi ngiyawadayisa; lapho ngikhuluma nje awekho, nginelilodwa kuphela. 

“Ngenhlanhla abantu (bathatheka) bawafuna ngapha nangapha, lafukuleka kanjalo ibhizinisi lethu,” kulanda uNkk uNala.

Akuphelanga sikhathi bathenga iloli ukuze badilive kalula futhi bengeza nangokudayisa izinkomo esezikhulile. Uyakwazi nokuthenga inkonyane, ulishiye kubona bakukhulisele, ulithathe selikhulile. Mlalele echaza ngokunye okwenza bahluke.  

 Amankonyane eNzimNala abiza kusuka kuR1 800 kuya kuR5 000, kuthi izinkomo ziqala kuR10 000 kuya kuR18 000.

Abasagcini eMgungundlovu kuphela kepha sebenamakhasimende asuka koGauteng, eMpumalanga Kapa nakwamanye amazwe njengakoBotswana, eSwatini naseLesotho. La makhasimende bawalungisela izimvu me zokuthutha izilwane eziwathengayo.

“Konke loko akuzi kalula. (Kudinga) ukuthi usebenze kanzima ngoba ziningi izingqinamba esibhekana nazo ebhizinisini. Sisaqala ibhizinisi imfuyo yethu ibihlale ifa, singazi ukuthi kwenziwa yini.

“Kwathi ngokuzihlupha ngolwazi lakwiYouTube nakwabanye asebenamava kule mboni sathola izindlela zokuyigcina isesimweni esihle nesinempilo, ngoba uNzimande okunye engasakukhumbuli ngoba (usekhulile),” kusho uNkk uNala.

Uthi bafisa ukwandisa izinkomo zobisi, badayisele abantu besitok’fela izinkomo, bagcwalise umbandela abazibekele wona wokudayisa izinkomo ezingaphezu kweziwu-100 ungakapheli lo nyaka.

  • Instagram: londiwewamahamashenala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page