Udaba lwesinxephezelo sikaMnu uNkosana Makate, owaqhamuka nomqondo kaPlease Call Me, neVodacom luyaqhubeka nokuba yinzukazikeyi. Isithombe: Sithunyelwe

Uyaqhubeka umdonsiswano wamabhange neKhomishini yokuNcintisana

YINTATHELI YOMBELE

IKHOMISHINI yokuNcintisana isidlulisele isinqumo seNkantolo yokuDluliswa amaCala okuncintisana eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba ayeneme ngesinqumo esakhishwa ngezinsolo ezithinta amabhange.  

Ikhomishini ikhala ngesinqumo esikhishwe ngenyanga edlule esivune amabhange amaningi abesolwa ngokuxoxisana ngamanani okufanele kuthengwe idola laseMelika ngawo okuphambene nesigaba 4 (1) (b) soMthetho wokuNcintisana 89 owashaywa ngo-1998.

Isicelo seKhomishini yokuNcintisana sithinta isinqumo ngamabhange awu-13, okuyiBank of America Merrill Lynch International Designated Activity Company, iJP Morgan Chase Bank, i-Australia and New Zealand Banking Group, iStandard Bank of South Africa, iNomura International, iCommerzbank, iMacquarie Bank, iHSBC Bank, i-USA National Association, iMerrill Lynch Pierce Fenner & Smith, iBank of America, iNational Association, iNedbank, iFirstRand Bank, neStandard Americas.

Ithe ngeke isidlulise isicelo ngeNedbank Group, iFirstRand, iCredit Suisse Group neStandard New York Securities Inc. 

I-Absa Bank, iBarclays Capital neBarclays Bank bafaka isicelo sokuncishiselwa isigwebo kanti iCitibank N.A. neStandard Chartered Bank bavuma icala bavumelana ngokuhlawula. 

I-Investec Limited ne-Investec Bank Limited kusafanele baphendule. 

Khonamanjalo, iVodacom ithe izoya eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba ayeneme ngesinqumo esikhishwe yiNkantolo yokuDlulisa amaCala evune uMnu uNkosana Makate, yathi kufanele le nkampani ibuyekeze imali ezomnxephezela ngayo ngokuqhamuka no-Please Call Me ngesikhathi esaqashwe khona.

Le nkampani yathi izimisele ukunxephezela uMakate ngoR47 million, yena awunqabile.  

Kwezinye izindaba, kuvaliwe ukusebenza kwendawo yokungcebeleka eThekwini, KwaZulu-Natali, i-Ushaka Marine World ngenxa yesiteleka sezisebenzi.

Isikhulu esiphezulu e-Ushaka Marine World uMnu uNdabo Khoza sithe lokhu kungenxa yokuthi abavumelananga nezisebenzi ngemali okufanele kunyuswe ngayo imiholo emva kwesikhathi kunezingxoxo.

UKhoza uthe bazomemezela uma sesiphelile isiteleka ngoba abakazi ukuthi sizodonsa isikhathi esingakanani.

UNgqongqoshe wokuQasha nemiSebenzi uMnu uThulas Nxesi uqoke ikhomishini entsha ezokwengamela ukunquma imali okufanele okungenani iholwe yizisebenzi eNingizimu Afrika, kwazise isikhathi salena ebikhona siphelile ngenyanga edlule.

Usihlalo wekhomishini wuSolwazi u-Imraan Valodia, ongene esikhaleni sikaSolwazi u-Adriaan van der Walt. Amanye amalungu ekhomishini ngoMnu uKaizer Moyane, uMnu uJonathan Goldberg, uNks uJahni de Villiers, uMnu u-Edward Thobejane, uMnu uSolly Phetoe, uMnu uTrenton Esley, uNks u-Isobel Frye, uNks uConti Matlakala, uMnu uTumelo Zwane, uDkt uNeva Makgetla, uNks uMamokete Lijane noMnu uGavin Hartford.

Bazokwengamela lo msebenzi iminyaka eyisihlanu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page