UMnu u-Asanda Chamu uwumsunguli we-Insight Consulting Company ezinze eGoli, eGauteng, eyenza impilo lula kubafundi abaya enyuvesi. Izithombe: Zithunyelwe

Izinselelo abhekana nazo enyuvesi zimnike umqondo webhizinisi

WUNQOBILE NDLOVU

UKUFUNDA enyuvesi yithuba elimqoka kubafundi abafuna ukuqhubeka nezifundo zabo uma beqeda uMatikuletsheni. Abanye abafundi baphuthwa yileli thuba ngoba beswele ulwazi lokubhalisela ukufunda noma beswele umuntu ozobasiza ngokubhalisa.

Yiloku okwagqugquzela uMnu u-Asanda Chamu, oneminyaka ewu-20, ukusungula i-Insight Consulting Company (i-I.C.C) ngo-2023. Le nkampani ilekelela abafundi ngokubhalisela ukufunda enyuvesi. 

Lo somabhizinisi waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, kodwa usezinze eGoli, eGauteng, unothando lwemfundo kangangokuthi ngo-2022 waqala iDream Walker Tutorials, yona esiza abafundi nezitshudeni ngabakufunda esikoleni nasenyuvesi.

I-Dream Walker Tutorials ifundisa abafundi baka-Grade 6 kuya kuMatikuletsheni, i-Accounting, iSayensi, i-Mathematics, ezoLimo ne-Geography. Kuqala kuR300 kuya kuR1 400. Enyuvesi ufundisa i-Accounting, Statistics, Mathematics, taxation, financial management ne-economics kusukela kuR80 kuya kuR280.

“Okungigqugquzela kakhulu wukukhumbula isikhathi engaswela ngaso usizo ngemva kokuphothula uMatikuletsheni. Ngangingenaye umuntu ozongilekelela ngokubhalisela ukufunda, ngasibona lapho isikhala ngase ngicabanga ukusivala ngokusiza abanye,” kusho yena.

I-I.C.C ilekelela abafundi ukufaka izicelo zokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme, ezokuxhaswa nendawo yokuhlala. Amanani abo ahambisa nemakethe yabo. Usizo lwabo luqala kuR50 lugcine kuR400.

UChamu wenza i-BCom in Accounting e-University of Johannesburg. Uthi ukuyofunda kwakhe kwesinye isifundazwe kwenze wabona ukubhalisela ukufunda nokuxhaswa kunganele.

UChamu eyibambe ekilasini le-accounting

UChamu uzazi njengoba ezazi izinselelo zokuyofunda esikhungweni kwenye indawo. Uthi: “Uma uphuma ukuyofunda kwesinye isifundazwe udinga abantu abazokuchazela mayelana nalapho ozohlala khona, izindlela zokuhamba ezingabizi futhi eziphephile, ngisho nempatho kamasitende walapho ozohlala khona. Konke loku kwaba yindida kimi, yingakho ngizama ukulekelela abafundi ngayo yonke imininingwane abangase bayidinge.”

Njengabo bonke osamabhizinsi uChamu unamaphupho ngekusasa. Uthi ufisa ukuthi i-I.C.C igcine isisebenzisana namanyuvesi ukwenza uhlelo lubelula futhi lusheshe uhlelo lokubhalisa izitshudeni emanyuvesi.

  • Facebook: Asanda Chamu
  • Instagram: @austindreamwalker51
  • Twitter: @asanda_cha79598/@ChamuAsanda/AsandaChamu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page