IBhange loMbuso liqoke uDkt uDavid Fowkes ukuba wumeluleki weMonetary Policy Committee. Izithombe: Zithunyelwe

Umeluleki omusha wezezimali

INTATHELI YOMBELE

  • ISABELOMALI sango-2024/25 sizokwethulwa mhla ka-21 Febhuwari. Lolu suku luqinisekiswe wumNyango wezeziMali kuleli sonto. Lesi sabelomali yilesi uhulumeni amemezela kusona izinhlelo zokuthi uzoyisebenzisa kanjani imali, imigomo ethinta intela nokuboleka eminyakeni emithathu ezayo. 

Umnyango ukhuthaza abantu abafisa ukuwunika amathiphu ngesabelomali ukuthi bathumele iziphakamiso zabo kanti bangakwenza ngokungena ku:  .

  • IBHANGE loMbuso liqoke uDkt uDavid Fowkes ukuthi abeyilungu elisha leMonetary Policy Committee (iMPC). 

Isikhala kuleli komidi elinquma ngemalimboleko savuleka ngenkathi kushiya owayengeliinye lamaPhini eBhange loMbuso, uMnu uKuben Naidoo.  UFowkes oqokwe ukuthi abawumeluleki wabaPhathi beBhange loMbuso ufike kuleli bhange ngo-2013.

Ngaphambi kokuba wumeluleki nguyena obehola uhlelo lokubuyekeza iMonetary Policy Implementation Framework eyaqala ukusebenza ngo-2022. Phakathi kuka-2013 no-2021, uFowkes wayewumhleli weMonetary Policy Review eshicilelwa yiBhange loMbuso kabili ngonyaka.

Une-Master’s yaseWits University neziqu zobudokotela zaseJohn Hopkins University School of Advanced International Studies eMelika.  

  • I-Absa izosebenzisana neCars.co.za emiklomelweni eyaziwa ngeCars.co.za Awards. Yimiklomelo lena okumenyezelwa kuyo imoto yonyaka emikhakheni ewu-13 kanti yasungulwa ngo-2015.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page