UNksz uMuofhe Ratshikombo, umnikazi we-Oumie’s Grande yaseMamvuka, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Uhamba ezinyathelweni zikaninakhulu ngebhizinisi le-atchaar

WUSIZAKELE NDULI

USOMABHIZINISI waseMamvuka, eLimpopo, ufunde kuninakhulu owayenesitolo ubuciko bokwenza i-atchaar. 

Manje uNksz uMuofhe Ratshikombo, oneminyaka ewu-30, uqhubeka lapho okwagcina khona uninakhulu ngenkampani yakhe eyenza i-atchaar i-Oumie’s Grande.

 “Sengifunda u-Grade 10, ugogo nomkhulu bangeluleka ukuthi ngikhethe izifundo zolimo ukuze ngizoqonda kabanzi ngokukhiqiza ukudla. Phezu kwezinselelo zemali, ngakwazi ukuphothula izifundo ze-Agricultural Development and Extension, kwathi ngo-2021 ngaba yithwasa unyaka owodwa eSAB.” 

UNksz uRatshikombo uthe emva kokuqeda uhlelo lokuthwasa eSAB, wama kancane ukufuna umsebenzi, wabuyela ekhaya ukuyoqala i-Oumie’s Grande, inkampani ekhiqiza, idayise izithelo namaveji kubalwa ne-atchaar yakhe yodumo.

“Ngiseyitshwasa ngakwazi ukubeka imali, ngaqala i-Oumie’s Grande engiyiqambe ngegama likagogo ngo-2021,” kusho uNksz uRatshikombo.

Ngo-2022 ube nenhlanhla exhaswa yiDevelopment Agency neNational Youth Development Agency, athi kuzomsiza ukuvula indawo yakhe yokusebenzela.

 “Sesiwuthengile umhlaba esizokwakha kuwona kanti sizoqala ukwakha maduze sibe siqhubeka nokusebenzela lapho esiqashe khona,” kusho yena.

I-Oumie’s Grande inezisebenzi eziyitoho eziwu-11, kanti kubuye kwenzeke zibe ngaphezu kwaloko uma kunomsebenzi omningi.

Enye yezinselelo abhekane nazo wukuqiniseka ukuthi i-atchaar yakhe ihlale ikhona, yize eyomango iba khona ngesikhathi esithile kuphela.

“Sigxile kwi-mango atchaar eba khona ngoDisemba kuphela. Ngokwenza ucwaningo ngakwazi ukuthola indlela yokwenza ukuthi ihlale ikhona unyaka wonke ukuze amakhasimende ethu ayithole noma yinini uma eyifuna. 

“Okunye futhi okuke kwayinkinga wukwenza isitifiketi sokungigunyaza ukuyidayisa, njengese-food safety, siyabiza,” kusho yena.

I-atchaar ye-Oumie’s Grande ekhanga iso

I-atchaar ye-Oumie’s Grande iyizinhlobo ezine. Kukhona ebabayo, ekagalikhi, engabizi nebabayo exutshwe nogalikhi. Ibiza uR45 ibhodlela eliwu50ml, uR60 eliwu750ml, uR70 ilitha noR130 u-2 litre.

UNksz uRatshikomo uthe uhlela ukwenza olunye uhlobo lwe-atchaar maduze, kanti umkhiqizo wakhe uyatholakala kwi-website yabo ethi https://oumiesgrande.co.za/  na-online eMarkro Marketplace. Uyayithola futhi kwezinye izitolo eGauteng naseLimpopo, okubalwa kuzona iRoots Butchery, iPremium Biltong neFire Fly Butchery.

“Sifuna ukuba yinkampani ethenjwa umhlaba wonke ngokwenza i-atchaar,” kusho uNksz uRatshikomo.

  • Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/24/kuntwela-ezansi-kogcine-ekhalela-kwezolimo-ngoba-engawutholi-umsebenzi-awufundele-uxoxe-notebogo-mokwena/ 

  • Facebook: Oumie’s Grande
  • Instagram: oumiesgrande_1

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page