UMnu u-Abongile Buthelezi, umnikazi weKhiphinkunzi, yaseMtubatuba, enyakatho yaKwaZulu-Natali, efuya izinkomo nezimbuzi. Izithombe: Zithunyelwe

Uhamba ezinyathelweni zikamkhulu wakhe umfuyi

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULELA ekhaya konina kwenze wangamathe nolimi nomkhulu ozala unina. Umkhulu wakhe wamfundisa ukulusa, ukusenga nokunakekela imfuyo. 

Lwakheke kanjalo uthando lwezolimo nokufuya kuMnu u-Abongile Buthelezi, umnikazi weKhiphinkunzi Farming, efuya izimbuzi nezinkomo. 

Ngaphambi kokusungula ibhizinisi, uButhelezi waseMtubatuba, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale wenza izifundo zezolimo esesemabangeni aphezulu eVryheid Landbou High, isikole esigxile kwezolimo.

“Ngikhuthazwe kakhulu wumkhulu owayefuyile futhi enza izinto eziphathekayo ngemfuyo abeyidayisa, asebenzise leyo mali ukufundisa omama nomalume. Ubeqinisekisa ukuthi asishodi ngalutho esiludingayo, loko kwenza ngafisa ukuhamba ezinyathelweni zakhe, nginakekele umndeni wami.”

Emva kokuphothula isikole ngo-2017, wenza i-Bachelor of Agriculture egxile kwi-animal production e-University of The Free State, enzela ukuthuthukisa ulwazi lwakhe ngemboni ngaphambi kokuqala ibhizinisi.

“Inkampani ngiyibhalise ngo-2020 ngisesenyuvesi ngiseyithwasa kwelinye ipulazi eMtubatuba, okuthe ngingaphothula izifundo ngo-2021, ngagxila ebhizinisini ngokugcwele ngisizwa wulwazi lwasenyuvesi namava omsebenzi,” kusho yena.

Uthe iKhiphinkunzi (yigama lelinye lamabutho akwaZulu), umkhulu wakhe ayebuthwe kulo. Ibhizinisi lingaphansi kwenkampani yakhe iSekewu Group, ayiqambe ngoyise uSekewu (ongasekho emhlabeni). 

EKhiphinkunzi Farming babiza uR600 kuya kuR3 000 imbuzi ngayinye, kuthi izinkomo ziqala kuR8 000 kuya kuR13 000 iyinye. 

Umhlambi weKhiphinkunzi Farming

Nakuba zikhona izinselelo ezenza ibhizinisi lingabi lula kwesinye isikhathi kodwa okubuye kumsize uButhelezi wukufuyela engxenyeni yomhlaba wakubo ongamahekthare amane, nathi kusiza ukugwema izindleko eziningi.

“Inselelo enkulu wukwanda kwezifo ezibulala imfuyo. Ngonyaka odlule nje ngifelwe yizinkomo ezimbili nezimbuzi ezine nokumba eqolo kwemijovo yokugoma imfuyo kodwa ngijabule ngoba umndeni wami uyangilekelela kakhulu ukuqhuba ibhizinisi, liyifa lomndeni.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/01/09/bachunyiswa-wukubuza-indlela-kwabaphambili/ 

UButhelezi uthi maningi amathuba akhona kwezolimo. Mlalele echaza. 

“Okwamanje nginezimbuzi eziwu-28 nezinkomo eziwu-23, kanti injongo yami enkulu wukusimamisa ibhizinisi, ngishintshe ngalo isimo sasekhaya kube yile nto engiyifisayo bese ngikhuthaza intsha yangakithi ukungena kwezolimo ngoba ngibona ziyindlela ongayethemba yokuziphilisa,” kuphetha uButhelezi.

  • Instagram: bhejanekasekewu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page