Imali idinga ukuzala yande
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNokwanda Cebekhulu owaziwa ngelikaVernotile, umculi we-afro pop wodumo lwengoma ethi Ngenzenjani?
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala sengenza unyaka wesibili enyuvesi ngo-2018, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi uma uyisaphaza iyaphela kodwa ukuyisebenzisa ezintweni (ezisile) kuyasiza ukwenza izale yande.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-2020 ngiseyithwasa eCoca-Cola, ngihola imali engaphezudlwana kukaR4 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ngawo i-grocer yasekhaya nezimpahla zokugqoka, esalayo ngagibela ngayo ukuya emsebenzini.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Kuningana kodwa okubalulekile nengikukhumbulayo manje nokusho lukhulu kimi wukuthengela umama isitofu esikhulu.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukubhubhudla uR15 000 engawunqoba emncintiswaneni womculo ngiseseGoli. Angikhumbuli ngenza into (esile) ngawo, kunaloko ngathenga izimpahla zokugqoka, ukudla okungenasidingo, enye ngaphisana ngayo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi ukusebenzisa imali ngendlela (esile), uyitshale ezintweni ezithile, kwenza ibuye isiyengeziwe.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqala ngosususa umama lapho ahlala khona KwaBester, ngimakhele umuzi kwenye indawo engcono bese ngithenga amaloli amabili ukuchuma emkhakheni engiwufundele i-logistics management. Uma kukhona esalayo, ngingayitshala emculweni wami.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngokuthi abahlele ukuthi imali yabo bazoyisebenzisa kanjani, baqale ngezinto ezibalulekile kuqala ngaphambi kokuzijabulisa. Abazijwayeze ukutshala imali ukuze izale yande.