Uhlanganisa izisebenzi ngomdlalo ukuqinisa ubudlelwano
WULUNGI LANGA
YIZE kunzima, akazimisele ngokuphosa ithawula osungule inkampani ehlela imicimbi yokuhlanganisa izisebenzi ngemidlalo.
UMnu uMelusi Cele, oneminyaka ewu-34, wePlay on Mzansi ufisa ukubona amabhizinisi abantu abamnyama esukumela ukunika izisebenzi izindlela eziphephile zokuphumuza umqondo nokuvuselela ubudlelwano bokusebenzisana.
Umbono wokuqala ibhizinisi wamfikela emva kokudlula emhlabeni kukagogo wakhe ngo-2017, owakhulisa izingane nabazukulu abawu-19.
“Ugogo wayehlale ematasa esebenza ubusuku nemini, engenaso isikhathi sokuphumuza umqondo. Indlela ayesebenza ngayo yayenza singakwazi ngisho ukuya naye olwandle ukuyoshaywa wumoya.
“Ukushona kwakhe kungenze ngafisa ukuqhamuka necebo lokusiza ezinye izisebenzi ezifana naye ukuthi zithole ithuba lokwenza izinto ezingazijabulisa zikhona emsebenzini,” kulanda yena.
Wayezitshela ukuthi uzovula inhlangano engenzi nzuzo ezokwenza lo msebenzi kodwa wabuye washintsha umqondo wasungula inkampani.
Ngaphambi kokuba nebhizinisi ubeqashelwe ukubheka ubuchwepheshe bokulungisa amakhadi ezisebenzi okungena emsebenzini. Uthi enye yezinto ayengazithandi ngalo msebenzi wukungabi nobudlelwano nezinye izisebenzi ngenxa yokungahlanganyeli nazo. Babegcina ngokubonana emihlanganweni nabalingani bakhe noma bakhulume ngocingo, okwakwenza bangajwayelani.
“Ukubona indlela esasisebenza ngayo kwangenza ngabona ukuthi umsebenzi uqhubeka kahle uma ninobudlelwane obuhle emsebenzini. Ziningi izinkinga ezidalwa wukungezwani (kwezisebenzi) ezinkampanini.”

Eminye imidlalo ehlelwa yiPlay on Mzansi
Uma behlelela izinkampani ezingamakhasimende abo imicimbi yokuhlanganisa izisebenzi baqale bathole kuzona ukuthi iyiphi imidlalo ezifuna idlalwe futhi bathole ukuthi yiziphi izinkinga zezisebenzi neziphazamisa indlela ezisebenza ngayo.
“Ayikho indlela eyenza kube lula ukuthi (izisebenzi) zazane kangcono njengokudlala. Kwenza nabantu abebengakhulumisani ngenxa yezingxabano zasemsebenzini bagcine bethola ithuba lokwazana kangcono. Kukaningi sibona izimo la abantu befika bengabhekani bahambe sebekwazi ukuxoxa.”
Uthi kuyakhathaza ukuthi izinkampani ezinkulu yizona ezikhuthalele ukuhlelela izisebenzi imidlalo ehlanganisa izisebenzi.
Ukhale ngokuthi imicimbi yokuvala unyaka ezinkampanini igcina igxile kakhulu ekuhlanganeni ngokudla nokuphuza utshwala kuphela. Nokho, uthe ayikho inkinga kuloku ngaphandle kokuthi kwesinye isikhathi abanye baphuza ngokweqile bagcine bexabana.
“Ngiyafisa ukubona izinkampani zabantu abamnyama zibuyekeza loku. Isikhathi esiningi ziyaye zisithinte zibuza ngamanani ethu okuhlela imicimbi. Kuthi uma zithola ukuthi malini, zingabe zisabuyela kithi. Elinye ikhasimende elalizama ukuthola ngamanani okuhlela umcimbi lakhala ngokuthi sebengaze bakhokhe imali engaka bekhokhela ukuyodlala engabe bazithengela inyama notshwala.”
Uthi enye inselelo abhekene nayo wukuthi abantu abaningi bavame ukuthi amabhizinisi afana nePlay on Mzansi ngawabelungu, okumkhuthaze ukuthi azame ezinye izindlela zokungenisa imali.
Ugqugquzele abantu abanesifiso sokusungula ibhizinisi ukuthi benze ucwaningo olubanzi ngebhizinisi ngaphambi kokuliqala. Ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuqala ibhizinisi emkhakheni owuthandayo ngoba ngisho uhlangabezana nezingqinamba uyakwazi ukumelana nazo ngoba usuke wenza into oyithandayo.
- Facebook: Play on Mzansi