Izinto ezingasiza ukusimama kwamabhizinisi abantu abamnyama isikhathi eside, kuloba uNtokozo Biyela
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuthi uiziphi izinto esingazenza ukuze amabhizinisi aphethwe, ikakhulukazi abantu abamnyama asimame isikhathi eside.
Sake saluthinta kancane lolu daba kwenye yalezi zingosi kodwa namhlanje ngithanda sigxile ekutheni yiziphi izinto esingazishintsha ukuze amabhizinisi ethu bantu abamnyama adlondlobale ingunaphakade.
Siyazi ukuthi ezinye izizwe ziyakuqikelela kakhulu loku; ukuthi kube khona umuntu abamcijayo ebhizinisini ukuze athathe izintambo, aqhubeke nokusimamisa ibhizinisi liye phambili, phecelezi i-succession.
Kubalulekile ukuthi kwenziwe ebhizinisini isikhathi sisesihle, hhayi uma sekuxhanyazelwa, sekukubi, kupataniswa ukuze ibhizinisi lingaziki.
Asivamisileke thina bantu abamnyama abasebhizinisini ukukunaka loku ngoba sithanda ukugodla izinto eziningi ezimayelana nebhizinisi kithina, singathandi ukuthi kube khona owaziyo ngazo zonke izinto zebhizinisi. Ezinye izinhlanga zivamise ukudonsa ilunga elilodwa lomndeni ukuthi lisondele lazi kabanzi ukuthi kwenzekani ebhizinisi lasekhaya noma abasebenza kulona.
Siye sibone sonke ukuthi amaNdiya uwabona ngokusebenza nezingane zawo zisencane ukuze ziqale zazi kabanzi ukuthi ukuba wusomabhizinisi kuyini nokuthi ibhizinisi abakulona bewumndeni lisebenza kanjani. Nabelungu benza njalo noma mhlawumbe bona bengasebenzi nezingane zabo kakhulu kodwa kuba khona uhlelo lokuthola umuntu thizeni abamqeqesha ukuthi kube wuyena othatha izintambo uma ophethe inkampani esehla esihlalweni.
Kubalulekile kakhulu ukuthi sikwenze loku singabantu abamnyama. Kuqala nje ngokuthi sikwazi ukuxoxa ngebhizinisi nezinto ezenzeka ebhizinisini uma sidla isidlo sasebusuku ekhaya. Loku kuyasiza ngoba kwenza ukuthi izingane emndenini zazi kabanzi ngamatemu ebhizinisi. Uma umuntu njalo ehlale ezwa amagama athile akhulunywa ebhizinisini, ugcina eseba nogqozi lokungena kulona noma ukwazi kabanzi ngalo.
Into ekhulunywa mihla namalanga yenza ukuthi umuntu oyilalele igcine isimngenile ekhanda. Kuhlale kuduma indaba yokufunda kanzima nokuqashwa ekhanda. Kuba kanjalo-ke nasemndenini okhuluma ngebhizinisi njalo. Izingane noma bezingenandaba nokuba sebhizinisini kodwa ngoba le nto ihlale ikhulunywa, zingagcina seziba nothando lokungena ebhizinisini.
Kubalulekile ukuthi uma usebhizinisini kuthi ngamaholidi noma ngezimpelasonto ubize izingane zakho zizosebenza nawe ebhizinisini lakho. Loku kwenza zibe sendaweni lapho kukhulunywa khona ngebhizinisi, zikwazi nokubona nokufunda nokukhuluma namakhasimende ubuso nobuso. Kubaluleke kabi loku ngoba kuba yisinyathelo sokuqala se-customer service, enye yezinto eziyinsika ekusimameni kwebhizinisi.
Emva kwaloko izingane zithola ithuba lokufunda ngendlela eyenza ibhizinisi lihambe kahle, loku okubizwa ngama-system.
Amabhizinisi anendlela ethile asebenza ngayo ukuze akwazi ukukhiqiza noma ukunika usizo alunika amakhasimende awo. Loku kubizwa nge-value chain. Kubalulekile ngoba kwenza ozophatha ibhizinisi athole kahle ulwazi lokuthi obani ababalulekile ekutheni ibhizinisi lisimame, okubizwa ngama-stakeholder.
Alikho ibhizinisi elikwazi ukuzimela noma ukusebenza lodwana nje. Yingakho enisebenzisana nabo ebhizinisini bebaluleke kakhulu ngoba ngaphandle kwabo ngeke ibhizinisi likwazi ukusimama.
Kuyadabukisa namanje ukubona ukuthi amabhizinisi aphethwe ngabantu abamnyama asawa uma oqale ibhizinisi engasekho. Loku kukhombisa ngokusobala ukuthi singamabhizinisi abamnyama sisaluthatha kancane udaba lwe-succession kanti lubaluleke kakhulu.
Kufanele sikuqhakambise loku ukuze amabhizinisi ethu ame ingunaphakade.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting