UmNyango weziMali, oholwa wuMnu u-Enoch Godongwana, uthakasile ngokuphasiswa kwemithetho elwa nokushushumbisa imali

Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni usuphumele obala ngokuthi iNingizimu Afrika ingabalwa namazwe okulula ukushushumbisa imali kuwona. INTATHELI YOMBELE iyabika.

UHULUMENI uphasise imithetho emibili ukulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zabashokobezi i-General Laws (Anti-Money Laundering and Combating Terrorism Financing) Amendment Bill ne-Protection of Constitutional Democracy Against Terrorist and Related Activities Amendment Bill.

Le mithetho ephasiswe yiPhalamende kule nyanga ngenye yezindlela uhulumeni azama ngayo ukugwema ukuthi iNingizimu Afrika ingafakwa ohlwini i-grey list iFinancial Action Task Force (iFATF). Kulolu hlu kufakwa amazwe anemithetho engaqinile ngokwanele ukulwa nokushushumbisa imali.

Kuneziphakamiso eziwu-40 ezenziwa iFATF, okuyizinto izwe okufanele lizilungise ukuze lingafakwa kwi-grey list, isinqumo esizokhishwa ngoFebhuwari wango-2023.

UmNyango weziMali usijabulele lesi sinqumo sePhalamende. Uthi sikhombisa ukuzinikela kukahulumeni ukulwa nenkohlakalo nokuxhasa izenzo zabashokobezi. Uthe kuzoyilekelela kakhulu iNingizimu Afrika ukuthi ihambisane nezimiso zeFATF.

I-General Laws (Anti-Money Laundering and Combating Terrorism Financing) Amendment Bill yethulwa ePhalamende uNgqongqoshe weziMali wuMnu u-Enoch Godongwana mhla ka-29 Agasti, kwathi i-Protection of Constitutional Democracy Against Terrorist and Related Activities Amendment Bill yethulwa wuNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele mhla ka-19 Julayi. Iphasiswe ePhalamende mhla ka-13 Disemba. 

Ngokusho kombiko okhishwe yiBusiness Leadership South Africa ezinyangeni ezimbili ezidlule, awu-85% amathuba okuthi iNingizimu Afrika ifakwe kulolu hlu kanti wathi umphumela emnothweni kungenzeka ube phakathi kuka-1% no-3%, kuye ngokuthi izwe libonakala lizisukumela kangakanani iziphakamiso.

Inkinga, ngokusho kwalo mbiko, wukuthi iFATF ibona iNingizimu Afrika ingazihloniphi ngokuphelele noma ingazihloniphi nhlobo iziphakamiso eziwu-20 kweziwu-40 eziphakamisile.

  • Lolu wushicilelo lokugcina loMbele ngo-2022. Umhleli nethimba laleli ziko lezindaba zamabhizinisi bafisela bonke abafundi uKhisimuzi omuhle namaholidi aphephile. UMbele uzobuya mhla ka-9 ngoJanuwari 2023

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page