Amaciko awabe nomeluleki ngezezimali

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noHloniphani Mthethwa owaziwa ngelikaHloniphaniArt, umculi we-afro folk wodumo lwengoma ethi Wawuthini Kithi?

Usemncane wawuphiwa yini imali? 

Cha, ngangingaphiwa ngoba ekhaya sasingamile kahle. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale ngo-2014, ngayivula eStandard Bank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Akukho engikukhumbulayo ngoba ngikhule imali ngingayinikwa ngenxa yesimo sasekhaya. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngo-2014, ngihola uR1 500. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Angisakhumbuli kahle ngoba sekukudala. 

Yini into enhle ongathi wake wayenza ngemali?

Wukuthenga indlu eLamontville, ngathenga isiginci nokulekelela ezidingweni zasekhaya zansuku zonke. 

Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?

Wukubolekisa ngayo, abantu bagcine bengasayikhokhi. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma uthola imali kumele ube nohlelo oluqondile lokuthi uzoyisebenzisa kanjani, ukusiza ukugwema ukuyisebenzisa ezintweni ezingenasidingo. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathenga izinsimbi zokusiza ukwenza izinto zibe lula uma ngenza imicimbi yami yokucula bukhoma esiteji. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi ababenomeluleki wezezimali ukusiza ukuthi bangasaphazi imali (ngenkathi) izinto zisabahambela kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page