Usomnotho omkhulu eFNB uNkk uMamello Matikinca-Ngwenya uthi sesidlulile isikhathi sokunyuka kwemalimboleko. Izithombe: Zithunyelwe

Iphinde yangashintsha imalimboleko

WUSLINDILE KHANYILE

IBHANGE loMbuso liphinde langayishintsha imalimboleko njengoba isami ku-8.25%. Lesi sinqumo iMonetary Policy Committee evumelene ngaso ngo-elethu yisona ebesilindelwe ngosomnotho abaningi. 

Lokhu kusho ukuthi nemali amabhange abolekisa ngayo amakhasimende, phecelezi i-prime lending rate, isewu-11.75%.

Echaza isinqumo sabo, umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ziningi izinto eziseyingozi emandleni emali yize emi kule ndawo abazibekela ukuthi kufanele angeqi kuyo. 

Izolo iStatistics South Africa ithe ukwehla kwamandla emali kufinyelele ku-5.1% ngoDisemba kanti iBhange loMbuso lazibekela ukuthi kufanele kube phakathi kuka-3% no-6%.  

UKganyago uthe amandla emali ayathinteka kakhulu ngenxa yezinto ezenzeka emhlabeni nasezweni. Uthe amanani kawoyela asaqhubeka nokuba phezulu njengoba ewu-$82 (R1 550) umphongolo ngenxa yezimo ezithile eziqhubekayo emhlabeni. 

“Nokho, silindele ukuthi ehle kancane kulo nyaka nangonyaka ozayo uma siqhathanisa nesasikulinganise ngoNovemba. Amanani okudayisa okumbiwa phansi ehle kakhulu ngonyaka odlule, cishe ngo-27%, kanti kulindeleke ukuthi ehle ngo-12% kulo nyaka. Yingakho nje izonyuka imali edingwa yiNingizimu Afrika futhi nomehluko phakathi kwemali engenayo nephumayo uzokhula yize umnotho uzokhula,” kusho uKganyago. 

I-core inflation ngo-2023 yayiwu-4.9% ngo-2023 kanti kulindeleke ukuthi ingashintshi ngo-2024, kuthi ngo-2025 ibe wu-4.6% kuthi ngo-2026 ibe wu-4.5%. 

Usomnotho omkhulu eFNB uNkk uMamello Matikinca-Ngwenya uthe lesi sinqumo seBhange loMbuso siqinisekise ukuthi sesidlulile isikhathi sokunyuka kwemalimboleko.

“Okwamanje kulindeleke ukuthi kuqale ukwehla ngekota yesibili ngo-2024, nokho sicabanga ukuthi iMPC izoqaphela ngoba isankulu ingozi ngoba kuzoba nokhethe, ingcindezi kwirandi ngenxa yalokhu. Umbono wethu ukuthi kuzoqala ukwehla ngesigaba sesibili sika-2024,” kusho uNkk Matikinca-Ngwenya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page