UMnu uSiyabulela Makunga, umkhulumeli weKhomishini yokuNcintisana. Isithombe: Sithunyelwe

IKhomishini yokuNcintisana ibheka isinqumo esivune amabhange

WUSLINDILE KHANYILE

IKHOMISHINI yokuNcintisana isacubungula isinqumo seNkantolo yokuDlulisa amaCala echithe isinqumo seCompetition Tribunal eyalahla ngecala amabhange awu-23. 

La mabhange asolwa ngokuvumelana ngamanani nokwabelana ngamakhasimende, isenzo esiphambene nesigaba 4(1)(b) somThetho wokuNcintisana.  

INkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana ithe amabhange amane kwawu-23 kusafanele aphendule ngalezi zinsolo, yawanika izinsuku eziwu-40 ukwenza loku. 

Amabhange amane achithiwe yiBNP Paribas, iJP Morgan Chase Bank, iCredit Suisse Securities neHSBC Bank PLC. I-Investec Limited ne-Investec Bank Limited bebengalidlulisanga icala.

“INkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana ivune amabhange awu-19. Ikhomishini isaxoxisana nabameli bayo ngaphambi kokuthatha isinyathelo esilandelayo,” kusho uMnu uSiyabulela Makunga, umkhulumeli weKhomishini yokuNcintisana.

Ngo-2015 iKhomishini yokuNcintisana yasola amabhange athile ngokuthi anesivumelwano ngamanani awasebenzisayo uma umuntu ethenga imali yakwamanye amazwe esebenzisa irandi, okushayisana nesigaba 4(1)(b) somThetho wokuNcintisana. 

Ngo-2016 yengeza isibalo samabhange nezinsolo zokuthi lezi zinkampani zabelana ngamakhasimende, nako okuphambene nomthetho wokuncintisana. Yathi isola ukuthi loku kwenzeka phakathi kukaSepthemba wango-2007 noSepthemba wango-2013. 

Phakathi kwamabhange avunwe yinkantolo kukhona namabhange amakhulu eNingizimu Afrika njengeStandard Bank, iFirst Rand, engabanikazi beFNB, iNedbank. 

I-Standard Bank isithakasele isinqumo, yathi iNkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana yamukele ubufakazi bayo obuqanda ikhanda beminyaka eyisikhombisa obukhombisa ukuthi ayikaze ibe yingxenye yozungu lokuvumelana ngamanani uma umuntu ethenga amadola aseMelika ngerandi. 

Leli bhange lithe seloku kwathi nhlo liyawuhlonipha umthetho nezinhlaka ezibalulekile ezivikela uMthethosisekelo eNingizimu Afrika.

I-First Rand ithe kusukela laqala leli cala ibiyazi ukuthi imsulwa kanti kuyayijabulisa ukuthi iNkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana isikuqinisekisile loko.

I-Nedbank isithakasele lesi sinqumo, yathi uphenyo lwayo lwaveza ukuthi abukho ubufakazi bezinsolo ezenziwa yiKhomishini yokuNcintisana zokuthi abahwebi bayo bayingxenye yozungu lokuvumelana ngamanani erandi okuthenga imali yaphesheya. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page