Umengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kuzofanele abeke izidingo zezwe phambili, hhayi eze-ANC kuphela, uma esethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni. Isithombe: Sithunyelwe

URamaphosa akacabangele izwe 

NGESONTO elizayo uMengameli uCyril Ramaphosa uzokwethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni yango-2024, okungeyokugcina azoyethula njengoba siphela isikhathi sokuba wumengameli, asiqala ngo-2019. 

Uma iqembu eliphethe lidla umhlanganiso emva kokhetho, uRamaphosa uzothola ithuba lesibili kwazise nguye owumengameli we-ANC. Kulindeleke-ke ukuthi ethule inkulumo ezobuyekeza hhayi nje umsebenzi owenziwe wuhulumeni eminyakeni emihlanu edlule kodwa ewu-30, kwazise iNingizimu Afrika ihlanganisa 

iminyaka ewu-30 ibuswa uhulumeni wentando yabantu.  

Yinkulumo futhi uRamaphosa azokwenza ngayo izethembiso ngoba yize ezobe egqoke isigqoko sokuba wumengameli wezwe kodwa yithuba elihle lokukhankasela iqembu lakhe.

Yize kukuningi okuhle nokufanele kunconywe uma kubhekwa iminyaka ewu-30 yonke kodwa futhi kukhona nokuhlehlele emuva, nokwenza umnotho udonse kanzima.

Okuseqhulwini wukushoda kukagesi nokungasebenzi kahle kwezitimela namachweba, izinto eziphazamisa kakhulu ukusebenza kahle kwamabhizinisi. Yizona zinto lezi ezenze i-International Monetary Fund (i-IMF) ibuyekeze indlela umnotho wezwe ozokhula ngayo ngo-2024 njengoba ithe isilindele ukuthi ukhule ngo-1% esikhundleni sika-1.8% eyayiwulinganise ngo-Okthoba ngonyaka odlule. 

Akusiyo kuphela i-IMF ekhala ngogesi nangezitimela, osomabhizinisi bakhala bezithulisa mihla namalanga ngalezi zinto. Kushoda amanzi, kubambezeleka izimvume ezivumela ukuthi abantu bakwamanye amazwe bakwazi ukuzosebenza lapha ezweni, izindleko zokuqhuba ibhizinisi ziyabiza futhi nemisebenzi igqozile.  

Izibalo zekota yesithathu yango-2023 ezakhishwa yiStatistics South Africa zaveza ukuthi bawu-31.95 abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika. Ishoda nje imisebenzi, nabasebenzayo bayazikhalela ngenxa yokubiza kwezinto kwazise imalimboleko ikhuza phezulu njengoba imi ku-8.25% bese, kuthi inzalo amabhange abolekisa ngayo iwu-11.25%.

Ulinganisile uRamaphosa kade kuneLekgotla ye-ANC ukuthi kungahle kube khona esinye isimemezelo ngesibonelelo esiwuR350 njengoba ethe akungatshazwa ukuthi siyasiza kanti baningi abantu abantulayo.  

Bakhona osomnotho ababekade bephakamisa ukuthi kufanele kube nesibonelelo esingcono kunoR350 kodwa futhi kukhona abakhala ngokuthi yimali uhulumeni angenayo, umNyango wezeziMali ngabanye balabo bantu.

Kuyoba kuhle inkulumo kaRamaphosa ibheke okufanele izwe, hhayi ivoti le-ANC.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page