UNksz uSinenhlahla Zulu, umnikazi weThee MS Kitchen, yaseSikhaleni, enyakatho yaKwaZulu-Natali, eyenza izinto zibelula kubazali abanqena ukwenzela izingane umphako. Izithombe: Zithunyelwe

Unecebo lokuthula abazali umthwalo emahlombe ngomphako

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

UMSUNGULI weThee MS Kitchen uke wazama ibhizinisi lokudla epheka ukudla okuhlukene futhi ephekela nemicimbi. Nokho alichumanga, nokungakho eshintshe ukwenza wethula ibhizinisi lokwenzela izingane zesikole umphako. 

UNksz uSinenhlahla Zulu, waseSikhaleni, enyakatho yaKwaZulu-Natali, ukungachumi komsebenzi wakhe kwenza washintsha unyawo. “Bekuthukela ngithola (abantu) abafuna ngibabhakele amakhekhe, ngingaqashwa futhi ukupheka emicimbini. Ngehluleka ngancama ukuchuma,” kukhumbula yena.

Ngemva kwaloko wabona ithuba uma ebheka ukuthi abantu abanezingane ezincane njengaye bayanqena ukuzilungisela umphako wesikole. 

“Ngasuka lapho ngaya komama nabantu besifazane engibaziyo ngasekhaya abanezingane eziphatha izikhaftini ezikoleni, ngacela ukubenzela ngoba ngiqonda ukuthi iningi labo alinaso isikhathi nesineke sokwenza loko.

“Ngiqale kanjalo ngoSepthemba wonyaka odlule kanti bakhombisa ukuwuthakasela kakhulu umsebenzi wami. Okwamanje ngihambisela izingane zasezikoleni ezine zala ngasekhaya bese onina bangikhokhele uR650 ingane ngayinye njalo ngenyanga,” kulanda uNksz uZulu.

Ukukhulisa umsebenzi ngokushesha, uxhumane nomakhelwane onemoto, wamcela ukumhambisa kuzo zonke izikole ahambisa kuzo izikhaftini.

Ukudla kweThee MS Kitchen sekulungele ukudilivwa ezikoleni 

Akamusha emabhizinisini njengoba esesesikoleni samabanga amancane wayedayisa uswidi, kwathi esesemabangeni amakhulu wayebhaka amakhekhe bese ewadayisela abafundi.

“Ngiyakhumbula ukuthi kwathi sengiphothule uMatikuletsheni ngo-2010 ngenza izifundo zobuthishela, ngashiya sengiyithwasa ukugxila kwezamabhizinisi ngo-2014.” 

Wasuka lapho wayokwenza i-Business Management eMfolozi College ngo-2015, wayiphothula ngo-2017 enethemba lokuphumelela kanti akabuzanga elangeni.

UNksz uZulu uthi nakuba esimama kodwa ziyafika izikhathi zobunzima ebhizinisini. Muzwe echaza.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/03/25/ukusheshe-azuze-impumelelo-kumlimazile-kodwa-futhi-leso-sifundo-yisona-asesisebenzisa-ukukhulisa-ibhizinisi-lakhe-lokubhaka-elisimamayo-ulandise-uslindile-khanyile/

Uthi kuyamkhuthaza ukwanda kwesibalo sabantu abamthintayo, ngisho abakude, bamcele ukuthi abenzele isitsha sezingane zabo.

  • Facebook: Sinenhlahla M Zulu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page